SIKHULU isililo ngokudlula emhlabeni kwekhansela le-ANC elidumile eThekwini uMnuz Nkosiphendule Dlamini.
UDlamini (45) obeyikhansela ku-ward 91, eHammarsdale ushonele esibhedlela i-Ahmed Ali-Kadi ngemuva kokungeniswa khona ngoMgqibelo exinwe wukugula.
UDlamini obeyiPhini likaSihlalo ekomitini lezokuPhepha eThekwini ubesezohlanganisa ihlandla lesibili eyikhansela ngaphansi koMkhandlu weTheku.
Okhulumela umndeni uMnuz Scelo Dlamini, ongumfowabo kamufi ukuqinisekisile ukuthi uDlamini akasekho emhlabeni.
“Uxinwe ukugula waphuthunyiswa esibhedlela eHillcrest, khona bamdlulisela e-Ahmed Ali-Kadi lapho eshonele khona. Ushone odokotela bebesanda kuthola ukuthi une-pneumonia,” kusho uScelo.
Uthe umfowabo ubeyikho konke emndenini ehlale enza isiqiniseko sokuthi akekho umuntu wakubo ongalutholi usizo kuyena uma emcela.
“Silimele kakhulu ngokushona kwakhe, namanje sisashayisana ngamakhanda,” kusho uDlamini.
IPhini likaSomlomo esiShayamthetho KwaZulu-Natal uDkt Meshack Radebe osebenze kakhulu noDlamini lithe kuwe insika ngokudlula emhlabeni kukamufi.
“UDlamini ubengumuntu okhaliphile futhi esebenza ngokuzikhandla, into ebengiyithanda ngaye ukuhlale njalo elangazelele ukusiza abantu,” kusho uRadebe.
Uthe ukube bonke abantu bafana noDlamini ngabe akekho umuntu ohluphekayo emhlabeni.
“Ngifika lapha kwaDlamini ngizobhonga emswaneni bekungathi kunombuthano ngendlela abantu abebegcwele ngayo, kukhala wonke umuntu nabesilisa imbala, lokho kukhombisa indlela abeyiphila uDlamini,” kusho uRadebe.
Uthe i-ward kaDlamini ingenye yama-ward abehamba phambili ekuhanjisweni kwezidingo kubantu.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal uNkk Nomagugu Simelane-Zulu uthe bagqemeke udume lwengozi ngokudlula kukaDlamini obeyivolontiya ebelisebenza ngokuzikhandla.
“Yize singakayitholi kahle iminingwane kodwa sizwile ukuthi iqabane lethu belibambekile laze langeniswa esibhedlela lapho eshonele khona. Sifisa ukudlulisa amazwi enduduzo emndeni wakhe,” kusho uNkk Simelane-Zulu.
Uthe balimele kakhulu ngokushona kukaDlamini ikakhulukazi njengoba kubhekwe okhethweni lukazwelonke ngonyaka ozayo.
“UDlamini ubeseqalile ukusebenzela ukhetho lwangonyaka ozayo njengoba eshona manje,” kusho uNkk Simelane-Zulu.
Uthe akusiwo umndeni kuphela olahlekelwe ne-ANC nayo ishayeke engeqiwantwala.
Namalungu omphakathi nawo aphawulile ngokushona komholi wawo.
UMnuz Sanele Mthethwa waku-ward 91, uthe i-ward ilimele ngokushona kukaDlamini.
“Silimele kakhulu, akekho umholi oyofana noDlamini,’’ kusho uMthethwa.
Uthe ziningi izinhlelo uDlamini abezenza ebezisiza umphakathi.
“Ushona nje, ubenohlelo lokusiza abafowethu nodadewethu ababizwa ngamaphara ezama ukubasiza ukuze baphume ezidakamizweni. Uhlelo ubelwenza ngokubambisana neMeya yaseThekwini uNkk Zandile Gumede,” kusho uMthethwa.
Uthe uDlamini ushone esanda kuhlonishwa ngeziqu zobudokotela ngenxa yeqhaza lakhe ekuhanjisweni kwezidingo kubantu.