BAHLALELE ovalweni abasebenzi basendlini ababili okuthiwa bashaywe wumphathi wabo wabadlisa uphoyizeni wokubulala amagundane ebasola ngokweba uR100 000, eSiphingo.
Abasebenzi, abangabaseLesotho, bathe namanje basathuthumela emuva kokuhlukunyezwa ngumqashi wabo.
UNksz Florina Kao (36), noNkk Lonea Sefo (33), abasola umqashi wabo ngokubathela isibhaxu ebasola ngokweba, bathe banovalo lokuhlala emjondolo wabo oseDakota, eSiphingo.
Bathe lokhu kulandela isigameko okuthiwa senzeke ngoLwesibili oludlule ekuseni ngesikhathi beqala ukusebenza.
“Sivame ukuthi siqale ukusebenza uma sekugamenxe ihora lesithupha ekuseni. Oyedwa ufike athathe iwashingi ayowasha, omunye abe elungiselela ingane. Nangaloluya suku ngahamba ngayothatha iwashingi kodwa umqashi wathi angilande uLonea ngoba ethi kufanele sikhiphe imali yakhe ayesisola ngokuthi siyintshontshile,” kusho uNksz Kao.
Uthe umqashi wabo wabe esekhipha upulasitiki omncane wasebhange, wakhipha iRattex wathi yirayisi okufanele balidle ukuze bakhulume iqiniso ngokweba imali yakhe.
UNksz Kao uthe bayidla iRattex base becela ukuthi abanike amanzi kodwa wanqaba. Ngokuhamba kwesikhathi kuthiwa ube eseshaya ucingo wacela ukuthi kulethwe imoto eyabathatha yabayisa kwenye inkampani yonogada okuthiwa iseSiphingo nokuyilapho abafike bashaywa khona wumqashi wabo.
Kuthe uma sebeshayiwe baphinde babuyiselwa endlini yomqashi base begcina bethathwe ngemoto bayolahlwa eMgungundlovu.
UNksz Kao uthe abantu abebesebenzisana nomqashi wabo ukubasabisa babathatha bayobashiya eMgungundlovu bengenamali yokugibela, bathatha nama-passport abo. Uthe labo bantu bathatha imali ababeyinikwe ngunkosikazi womqashi wabo ayebanike yona ngoba ethi akasabadingi emzini wakhe. Ngokusho kwakhe kwaphinde kwaduka imali yakhe enguR5 000 abeyibekile obekuyimali ayithole esitokofeleni nemali yomholo wakhe.
“Ngesikhathi engishaya wayengisakaza phansi ngekhanda aphinde angikhahlele. Ngase ngiphuma igazi ngamakhala,” kusho uNkk Sefo.
Uthe kusukela eqale ukusebenza ngoJanuwari nonyaka bekungakaze kube nesigameko esifana nalesi. UNkk Sefo uthe bebehlala emzini womqashi wabo beya emjondolo wabo ngempelasonto. Uqhube wathi okwamenza wathatha umsebenzi wukuthi noNksz Kao, osekuphele iminyaka eyisishiyagalolunye esebenza kulo muzi, ubengakaze akhale ngokuhlukunyezwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukubulala, elokushaya, elokuthumba nelokweba. Uthe uphenyo lusaqhubeka kanti bekungakaboshwa muntu.