UDIDWA isinyathelo sesosha eselifuna ibheyili ekubeni laliyibongile umndeni wowesifazane owadutshulwa yilomsolwa ngoJanuwari 2024.
Isosha loMbutho wezeMpi eNingizimu Afrika, uMnuz Lwanda Zungu belivele eNkantolo yeMantshi yasePinetown eyocela ibheyili ngoLwesithathu.
Usolwa ngokudubula amahlandla ayisithupha esifubeni nasentanyeni abulale inkosikazi yakhe uNkk Tania Msane-Zungu ngoJanuwari nonyaka.
Isihlobo sikamufi, esicele ukuba ligodlwe igama laso ukuze siphephise impilo yaso, sithe bewumndeni kuyabahlukumeza ukuthi uZungu acele ibheyili.
“Sisazama ukwamukela isimo nendlela umufi abulawa ngayo sithole ukuthi lendoda (uZungu) isaqhubeka nesicelo sebheyili eyayikade isinqabile ekuqaleni. Kuyasidida ukuthi kanti ihloseni umthetho wayo,” kusho isihlobo.
Siqhube sathi okwenziwa uZungu kukhombisa izinsolo zokuthi akukho ukuzisola kwakwenza.
Sidalule nokuthi kuyawuhlukumeza umndeni ukulokhu ugqigqa enkantolo icala linganyakazi.
“Siyathemba ukuthi umthetho uzothatha indawo yawo njengoba sizoqhubeka size enkantolo sizolalela isicelo sebheyili,” kusho isihlobo.
IMantshi uGwendolyn Robinson ikuhlehlisele u-Ephreli 12 ukulalelwa kwesicelo sebheyili kaZungu.
Ithe lucinene uhlu lwamacala asenkantolo adinga iwalalele adinga ibheyili. Imantshi ithe aphakathi kwamahlanu kuya kwangu-10 amacala ebheyili ewalalela ngosuku.
Usho kanje emuva kokuthi ummeli kaZungu, u-Advocate Muzi Mzelemu etshele inkantolo ukuthi uMbuso usumhlinzekile isitifiketi abekade esifuna esivela ehhovisi likamqondisi wabashushi KwaZulu-Natal.
Lesi sitifiketi sicacisa ukuthi uZungu ubekwe icala lokubulala okuhleliwe eliwela esigabeni sesithupha.
Ngakho kumele abekele inkantolo amaphuzu anqala futhi angejwayelekile angenza imantshi imnikeze noma imncishe ibheyili.
UZungu oqatha ngomzimba futhi osheshayo uma ehamba, ungene enkantolo edlubhe isikibha, itracksuit namateku okumnyama. Ubengaliphucile ikhanda nentshebe.
Bekukhona namalungu omphakathi nawenhlangano elwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane, abebezokweseka umndeni kamufi obusenkantolo.