MTHOKOZISI MNCUSENI
NGEKE ibekwe engcupheni impilo yesihlabani saseBrazil, uNeymar, okusabalele amahemuhemu okuthi angase adlale kowamanqamu uma iSelecao iphumelela ukudlula kuGermany abebebhekene nayo izolo kowandulela amanqamu, ngokusho kukasoseshini waseBrazil.
Emdlalweni weBrazil neColombia ngoLwesihlanu, uNeymar ukhishwe ngohlaka waphuthunyiswa esibhedlela lapho kufike kwatholakala ukuthi ushayeke kabi emgogodleni kwachachamba ithambo.
Ngokwemiyalelo yesibhedlela sibambisene nodokotela beqembu lesizwe laseBrazil kuvunyelwane ngokuthi uNeymar angabe esadlala eNdebeni yoMhlaba ka-2014. Kuvelile ukuthi akadingi ukuhlinzwa kodwa kufanele athole isikhathi esanele sokuphumula.
Ngemuva kokusabalala kwala mahlebezi uNeymar nososeshini bakhiphe isitatimende becacisa ngokuthi imibiko esabalele ayilona iqiniso.
Le mibiko iqhamuke ngemuva kokuthi iphephandaba lebhola laseBrazil licaphune odokotela beSantos okuyiqembu elidala likaNeymar lithi lo mdlali angase abonakale kowamanqamu uma ozakwabo benqobe kuGermany ngaphandle kwakhe. Kulolu daba bekukhulunywa ngemijovo eyisipesheli ebizomenza angabuzwa ubuhlungu.
“Asikho isidingo sokubeka impilo kaNeymar engcupheni. Ngokwazi kwethu uNeymar kufanele aphumule izinsuku ezingu-45 ukuze alulame ngokuphelele. Ngikhuluma nje usekhaya uphumule. Asikho isidingo sokuphakamisa amaphaphu kwabaseBrazil ngento engekho. Alikho ngisho nelincane ithuba lokuthi uNeymar adlale ibhola zingakapheli izinsuku esingu-45 anikwe zona,” usho kanje kuGlobo TV omunye wodokotela beBrazil uJose Luiz Runco.
Okhulumela uNeymar uthe: “UNeymar uqashwe ngeso lokhozi odokotela beqembu lesizwe hhayi abanye. Azikho futhi izinhlelo zokuzama ukumenza asheshe alulame. Esikwaziyo wukuthi odokotela beSantos bebemvakashele ngoba basebenze isikhathi eside naye esekuyona hhayi okunye. Uma kwenzeka uNeymar esheshe alulame kunalokhu obekubekiwe kuyoba yingenxa yemithandazo yabantu baseBrazil ngoba awupheli umoya kuyena, akukho okunye esikuhlelile.”