BEKUTHI awazisacaze phansi amalungu amaqembu aphikisayo ngesikhathi uMengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, ephunyuka olakeni lwekomiti elibhekelele ukusetshenziswa kwezimali zomphakathi, iStanding Committee on Public Accounts (Scopa).
Leli komiti linqume ukuthi alizukumbiza uRamaphosa ukuba azochaza ngenkulumo yakhe eqoshiwe, lapho ayetshela khona umhlangano wesigungu esiphezulu kwi-ANC ukuthi izimali zikahulumeni zasebenza ngesikhathi izinhlangothi ezibangayo zikhankasela izikhundla engqungqutheleni yokukhetha ubuholi bale nhlangano, eyayingo-2017.
Lesi sinqumo sicasule amaqembu aphikisayo, asabise ngokusiphonsela inselelo.
Amaqembu aphikisayo abefuna ukuba uRamaphosa azophendula imibuzo phambi kwaleli komiti.
Lokhu athe kungenxa yokuthi impendulo ebhalwe phansi kaRamaphosa ayigculisi.
Empendulweni ebhalwe phansi, uRamaphosa wathi akanalo ulwazi ngokusetshenziswa kwezimali ukukhankasela izikhundla kwi-ANC.
Uthe ayekusho emhlanganweni wesigungu esiphezulu kwi-ANC wayekususela ebufakazini obethulelwa ikhomishini ephenya izinsolo zokuLawulwa koMbuso yiDlanzana.
Le khomishini yezwa ukuthi kunezigidi zamaRandi ezathathwa esikhwameni sezinhloli, zasetshenziswa ukukhankasela izikhundla engqungqutheleni ye-ANC.
URamaphosa ubebhalele leli komiti kulandela ukuthi ilungu le-ANC, uMnuz Mervyn Dirks, labhalela leli komiti licela ukuba liphenye uRamaphosa.
Ngesikhathi leli komiti lihlangene ngoLwesithathu ebusuku, ukubhunga ngempendulo kaRamaphosa, amaqembu aphikisayo abefuna ukuba uRamaphosa abizwe ukuba azoziphendulela.
Kepha amalungu e-ANC athe akangabizwa uRamaphosa.
Aphakamise ukuthi ikomiti lilinde kuze kukhishwe umbiko wokugcina wekhomishini.
Lo lmbiko uzokhishwa ekupheleni kwenyanga.
Ilungu le-ANC, uMnuz Bheki Hadebe, lithe udaba oluthinta ukukhwatshaniswa kwesikhwama sezinhloli ludala, wengeza ngokuthi uRamaphosa waze waqoka ithimba elizophenya ngalo ngo-2019.
Elinye ilungu le-ANC, uNkk Nokuzola Tolashe, lithe alisiboni isidingo sokuthi uRamaphosa abizwe ukuzophendula phambi kwekomiti ngoba vele useyinikezile impendulo ebhalwe phansi.
Ilungu le-EFF, uNksz Veronica Mente, lithe bazozama ukubheka izindlela abangaphonsela ngazo inselelo isinqumo saleli komiti.
Usole amalungu e-ANC ngokuvikela uRamaphosa.
“Impendulo kaRamaphosa ayigculisi. Kahle kahle usithathisa okwezingane.”
Ilungu leDA, uMnuz Alf Lees, lithe impendulo kaRamaphosa ebhalwe phansi ikhombisa ukuthi ubukela phansi leli komiti.
Ilungu le-ATM, uNksz Thandiswa Marawu, lithe impendulo kaRamaphosa iyadumaza.
Usihlalo wekomiti, noyilungu le-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uzamile ukunxenxa ukuthi amalungu ekomiti avumelane ngokuthi uRamaphosa abizwe kepha amalungu e-ANC awangawubamba umshini.
UHlengwa utshele amalungu aleli komiti ukuthi kubalulekile ukuthi uRamaphosa avele phambi kwalo azophendula imibuzo.