KUBABHEDELE abasolwa okuthiwa bamataniswa namacala okugcweleza eMalvern, eThekwini, ngoLwesibili abatholane namaphoyisa kwaqhuma isibhamu.
Kugcine kuboshwe abasolwa abathathu kulesi sigameko esenzeke emgwaqweni uM7 eThekwini. Kuthiwa amaphoyisa abehlola isimo kule ndawo ngesikhathi ebona imoto esolisayo, ebinabesilisa abahlanu. Amaphoyisa aveze ukuthi imoto bekubikiwe ukuthi ihamba abasolwa ngokugqekeza imizi eMalvern.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele, uthe abasolwa babone belandelwa, baqala badubula.
“Ngesikhathi bejahwa, imoto yabo iphaphalazile, yagingqika. Amaphoyisa abophe amadoda amathathu abeselimele, kwatholakala izibhamu ezimbili. Abasolwa baphuthunyiswe esibhedlela begadwe ngamaphoyisa,” kusho uColonel Mbele.
Uthe kuvulwe icala lokuzama ukubulala, elokushayela budedengu nokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni. Uveze ukuthi abasolwa kulindeleke ukuthi bavele maduze eNkantolo yeMantshi, eThekwini. Kuthiwa kusazophenywa ukuthi abathinteki yini kwamanye amacala obugebengu eMalvern.
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Khombinkosi Jula, uwuncomile umsebenzi wokuboshwa kwabasolwa. Uthe amaphoyisa enze umsebenzi oncomekayo, wabonga nokuthi aphephile ngesikhathi kudutshulwana.