ABAZALI basesikoleni saseMlaza, iGijima Primary, bafuna kuxoshwe uthisha kaGrade 7, osolwa ngokufika ebudlonyile esikoleni.
Badinwe ngoLwesihlanu bahlasela esikoleni lapho bejoyinwe khona ngothisha nabafundi babhikisha ngaphandle kwesango. “Izingane zithi uthisha ufika nayo yonke inhlobo yotshwala esikoleni, afike aphuze nohlanza isikole. Uma sebedakiwe baba nodlame nenhlamba. Lo thisha wake wagolozela uthishanhloko waze wamgxaza nangezingubo phambi kwabafundi kodwa wangenziwa lutho,” kusho omunye umzali.
Umzali uthe ufikile ngoLwesihlanu uthisha kubonakala ukuthi ubukhile. “Ufike wabuza kithina ukuthi kwenzekeni esikoleni samtshela ukuthi kuvalwe amasango ngoba kuyabhikishwa. Uvele wamisa itekisi eya kwaV, wazihambela,” kusho umzali. Uthe uthisha usevamisile ukulova nasesikoleni.
“Bese enesikhathi agcina esikoleni njengoba efika manje.”
Omunye umzali ukhale ngoqashelwe ukuhlanza isikole wathi uma esephuzile ushaya abafundi nganoma yini.
“Umfundi umshaya nangespeti uma esedle lezi zinto zakhe. Lo thisha nalo ohlanza isikole abahambe nje esikoleni. Sidinga uthisha ongeke afundise izingane zethu utshwala,” kusho umzali.
Uthishanhloko, uMnuz Mzowakhe Mvubu, ukuqinisekisile ukuthi bekunezinxushunxushu ngoLwesihlanu.
“Namhlanje isimo bese sibuyele kwesijwayelekile. Sibe nomhlangano futhi ngisadlulela komunye mayelana nalolu daba,” kusho uMvubu.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe bebengakezwa ngezinxushunxushu ezikulesi sikole kodwa wanxusa abazali ukuba babikele abaholi besekethi eseduze. “Uma kunezinsolo ezinjalo azibikwe ngokushesha ukuze zisukunyelwe ngoba thina sifuna kufundwe ezikoleni,” kuphetha uMthethwa.