KUBATSHAZWA ubulwane kumzukulu okuthiwa udubule waphinde wagenca ogogo bakhe baze bafa KwaDinabanye eNgwavuma ngoLwesibili.
Kulesi sigameko, kushone izelamani, uNksz Nomhlangano Mngomezulu (89) noNksz Jenny Mngomezulu (86).
Kuthiwa elinye ilungu lomndeni ebelilele kwenye indlu lisinde ngokulambisa, kwathi inja yakulo muzi, umsolwa wayidubula yafa.
Ngokusho kwelungu lomndeni, uMnuz Zakhele Mngomezulu, umsolwa ubeke wabanuka ngokuthakatha abafi phambilini, ethi bayimbangela yokuthi impilo yakhe ime ndawonye.
“Nokho akekho obezithathela phezulu lezi zinsolo ngoba laba bantu abebasola ngobuthakathi sebebadala kakhulu, omunye wabo uhlala esihlalweni esinamasondo,” kusho uMngomezulu.
Uqhube wathi ngaphandle kwezinsolo abeke azisho umsolwa ngabafi, bebengakaze bamcabangele ukuthi angenza isenzo esinyantisa igazi kanje.
Elandisa ngokwenzeke ngosuku lwesigameko, uthe umsolwa usuke emzini kayise (khona endaweni) ehlome ngesibhamu sikamfowabo abesibeke esisefweni.
Uthe ufike waqale wazama ukuvulisa uyise omdala umnyango wendlu yakhe ngendluzula.
“Akazange amvulele. Ubekhipha amazwi okuthi ‘namuhla likushonele’, ethi akavule umnyango,” kusho uMngomezulu.
Uthe uyise omdala kamsolwa uthuswe umsolwa esedubula inja nokuyilapho abone khona ukuthi umsolwa akadlali.
Uthe udlulele endlini ebilala izaguga ezimbili, wavula ngendlakadla, wase ezidubula.
“Yilapho abaleke khona uyise omdala waze wabuya ekuseni sekufike namaphoyisa,” kusho uMngomezulu.
Abafi kuthiwa bathulele endaweni yesigameko.
Uthe bayabufuna ubulungiswa ngesihluku asenze kwizaguga.
Ikhansela lendawo, uMnuz Mduduzi Vilane lithe sibathusile isigameko.
“Umsolwa umuntu osemusha, ebesizitshela ukuthi ungowesilisa okahle. Umphakathi uthukile uma esenza isigameko esanje. Wenze ubulwane, ubulungiswa siyabufuna,” kusho uVilane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseNgwavuma aphenya amacala amabili okubulala emva kokubulawa kwabesifazane ababili bebulawa umsolwa owaziwayo.
“Umsolwa udle phansi emva kwesigameko,” kusho uConst Ngcobo