BONISWA MOHALE
NGEKE ibe khona inkonzo yokukhumbula umculi ongasekho uLulu Dikana kodwa umndeni, abangani nabalandeli bakhe bazomvalelisa okokugcina enkonzweni yomngcwabo ezoba seBloemfontein, eFree State kusasa.
Esitatimendeni esikhishwe nguNksz Maria Hadjidimitriadis wakwaSony Music lapho bekuqopha khona uLulu, umndeni ukhethe ukungayenzi inkonzo yesikhumbuzo.
ULulu Dikana wazalwa ngoDisemba 18, 1978 kanti ushone ngoDisemba 3, emuva kokugula isikhashana.
“Inkonzo yomngcwabo izoba ngo-9 ekuseni ehholo lesikole iTsoseletso High School esemgwaqeni uDr Selemela eBloemanda, eBloemfontein. Izihlobo, abangani nabalandeli bakhe bemukelekile ukuthi bazomvalelisa kodwa izintatheli nabathwebuli abavumelekile ukuza emgcwabeni, umndeni wakwaDikana uthanda kube njalo,” kusho uNksz Hadjidimitriadis.
Uthe uLulu uzofihlwa emathuneni aseBloemfontein lapho kulele khona unina nodadewabo omdala.
ULulu ubaziwa ngezingoma zakhe zothando oludlula konke okwasemhlabeni lolo oluphakathi kwakhe noMdali.
Ngo-2008 wakhipha i-album ethi My Diary, My Thoughts eyayidlise ngamanoni athi Real Love, Life and Death.
Yalandelwa ngethi This Is My Life eminyakeni emithathu kwathi kulo nyaka wakhipha esihloko sithi I Came to Love.
Ubaziwa ngokwenza umculo othandwa nguye hhayi okuthiwa uzodayisa kakhulu ngenxa yesigubhu nokunye osekuvamise ukwenziwa ngabadidiyeli bomculo.
I-Album yakhe yokugcina uzibhalele zonke izingoma waba nesandla ekudidiyelweni kwayo njengoba ebethi ngumsebenzi wakhe ophelele.
Wathi ukudlula kukadadewabo omdala uBusisiwe kwamenza wafuna ukuphila impilo yakhe ngaphandle kokusaba ukuthi abantu bazothini.
ULulu ushiye indodana eneminyaka engu-15, odadewabo ababili uZonke no-Asanda. Isikhala sikaZonke ongumculi ophinde abe yijaji ohlelweni oluvundulula ithalente i-X Factor sithathwe ngu-Toya De Lazy. Akwaziwa ukuthi uzoze abonakale nini emphakathini njengoba esazilile.