UBUHOLI be-ANC kwisifunda iMoses Mabhida buthi ukuphikisana kwabo nesiphakamiso sokuthi isiShayamthetho saKwaZulu-Natal sibuyele oLundi, kubanikeza ufuqufuqu lokuthi bakhankasele ukuthi i-ANC inqobe ukhetho KwaZulu-Natal.
Ubuholi bakulesi sifunda esihlanganisa izindawo eziseMgungundlovu, buthe buzokwenza isiqiniseko sokuthi i-ANC inqoba ngamalengiso KwaZulu-Natal ukuze uMgungundlovu uzoqhubeka nokuba yinhlokodolobha.
Lokhu bakusho ngesikhathi bunesidlo sakusihlwa nabezindaba ngoLwesihlanu.
Uhulumeni waKwaZulu-Natal unezinhlelo zokwakha isiShayamthetho esisha esizohlanganisa namahhovisi eminyango kahulumeni, khona eMgungundlovu.
Amaqembu aphikisayo, okubalwa kuwo i-IFP, NFP ne-ActionSA afuna ukuthi isiShayamthetho siphindele oLundi.
Usihlalo we-ANC kwisifunda iMoses Mabhida, uMnuz Mzi Thebolla, uthe ukuthutha kwesiShayamthetho kungaphazamisa ukuhanjiswa kwezidingo.
“Uyacabanga isiphithiphithi esingasuka, kuthuthwa emahhovisi kuyiwa oLundi? Kungama ukuhanjiswa kwezidingo, abantu bematasa nokuthutha. Kuke kwanesikhathi lapho kwakukhona amahhovisi eminyango kahulumeni ayesoLundi nawayeseMgungundlovu. Lokhu kwakudla kakhulu imali. Asifuni ukubuyela lapho.
“Sizokulwela ukuthi uMgungundlovu uqhubeke nokuba inhloko dolobha. Kufanele abantu baseMgungundlovu, nabantu baKwaZulu-Natal bakulwele ukuthi uMgungundlovu uqhubeke nokuba yinhlokodolobha.”
UThebolla uthe umkhankaso wabo wokhetho uhamba kahle, wathi akubathusi ukuvela kweqembu elalikhankaselwa owayengumengameli, uJacob Zuma, iMK.
I-MK isijoyinwe amalungu aqavile asuka kwi-ANC, EFF ne-DA eMgungundlovu okukhona kuwo owayephini leMeya kuMasipala waseMsunduzi, uMnuz Thobani Zuma, nababengamakhansela kulo mkhandlu, uMnuz Mtuza Mkhize, Msizi Ngcobo, Sibongiseni Majola, Khumbulani Nene, noSibongiseni Majola.
UThebolla uthe abantu baseMgungundlovu angeke bevume ukudukiswa uZuma.
“Abantu baseMgungundlovu bachayisa uSifiso Nkabinde (owasuka kwi-ANC waya kwi-UDM). Abantu baseMgungundlovu bazomchayisa uZuma nayo yonke le nto ayenzayo. Abantu akusikhona ukuthi babethanda yena siqu sakhe, kodwa babethanda i-ANC. Le nto ifana nembongolo eyayigitshelwe uJesu. Abantu babengathandi imbongolo, kodwa babethanda lomuntu owayeyigibele.”
I-ANC eMoses Mabhida izokhetha ubuholi obusha ngoDisemba.
Iphini likasihlalo we-ANC kulesi sifunda, uMnuz Nhlakanipho Ntombela, lithe bakwazile ukubuyisa uzinzo.
“IMoses Mabhida ibisidume ngokubulawa kosopolitiki neziteleka. Ngesikhathi singena sanikezwa umsebenzi wokuthi sibuyise uzinzo. Bancane kakhulu abantu ababulewe ngesikhathi kuphethe thina futhi neziteleka zibe ncane kakhulu. Uma kunozinzo kwi-ANC, omasipala esibaphethe bayakwazi ukusebenza ngendlela.”