IZINHLANGANO ezingenzi nzuzo ziphakamisa ukuthi abangasebenzi baqhubeke nokuthola isibonelelo sikahulumeni obekuthiwe sizonqamuka ekupheleni kwenyanga.
Ziwu-80 izinhlangano esezifake izincomo naphezu kokuba uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kuzwelonke, uNkk Lindiwe Zulu, wayekade ethe uR350 oyisibonelelo sabangasebenzi uzomukelwa izinyanga eziyisithupha kuphela. U-Okthoba yinyanga yokugcina.
Ekhuluma ohlelweni lwezindaba lasekuseni kuKhozi FM, uMnuz Zama Mthunzi, we-Unemployed Youth Foundation, uthe baphakamisa ukuthi abantu baqhubeke nokuthola isibonelelo kuze kube wuMashi wangonyaka ozayo.
“Sifuna ukuthi uhulumeni angayivali imali, kusetshenzwe okungenani ngokuthi siyenza kanjani ukuthi ibe ngcono ukuze wonke umuntu okumele ngabe uyayithola akwazi ukuyithola futhi ikhushulwe,” kusho uMthunzi.
Uthe okwamanje kusenenkulumompikiswano mayelana nokuthi kumele ikhushulwe ibe yimalini. Kunabathi mayibe wuR585 kanti abanye bathi kungakuhle ibe wuR1 200 okuyimali yokuphila.
Uthe inhloso yabo enkulu wukuthi kuqhutshekwe nokuhola isibonelelo bese kuthi uma sekufika unyaka wezimali omusha bese kudingidwa-ke ngekusasa lesibonelelo.
“Isibonelelo sabekelwa ukuthi abantu abahlukunyezwe yiCovid-19 bahlomule. Ngaleso sikhathi uhulumeni wayecabanga ukuthi yinto yesikhashana enethemba lokuthi kuyothi kushaya lesi sikhathi isimo sibe sesibuyile kwesejwayelekile nezinto eziningi sezivuliwe. Ngebhadi akunjalo, into esiyibonayo wukuthi abantu balahlekelwe wumsebenzi, isimo siba sibi kakhulu.”
UNgqongqoshe weziMali, uMnuz Tito Mboweni, kulindeleke ukuthi ngesonto elizayo athule isabelo sezimali samaphakathi nonyaka, kanti uMthunzi uthe kuncike kuleso sabelo sezimali ukuthi isiphakamiso sabo siyaphumelela.
Ngaphandle kwemali yesibonelelo sabangasebenzi izinhlangano zifuna ukuthi imali ebhekelele izingane ewuchatha neyempesheni yabadala nayo inganqanyulwa kodwa iqhubeke.