UPHENDUKE iqhawe umshayeli wetekisi ebelethisa umgibeli wesifazane obexinwe ukusikwa.
UMnuz Nhlonipho Zulu (31) waseRichards Bay obeshayela itekisi ebelisuka kule ndawo liya KwaNongoma ngoLwesithathu ebusuku, uthe ubengakaze azicabange ebelethisa umuntu wesifazane empilweni yakhe kodwa ugcine esephoqeleka ukubhekana ngqo nalesi simo emuva kokuthi umgibeli obesesele yedwa etekisini exinwe ukusikwa sebesele bobabili.
Elandisa Isolezwe, uZulu ongumshayeli ngaphansi kwe-Richards Bay Taxi Association, uthe kugcine kumphoqa ukuthi abuyisele itekisi eceleni ukuze asize uNksz Ntombenhle Mthethwa (22) waKwaNongoma obeseficwe yisikhathi sokubeletha.
“Ngesikhathi ngisuka eRichards Bay endleleni ngaseHluhluwe, ngibone owesifazane obemi nonogada wangimisa wathi uya KwaNongoma.
“Bese kuvele kusele umgibeli oyedwa etekisini, okuthe uma ehla, lo wesifazane wangicela ukuthi ngimphuthumise emtholampilo oseduze,” kusho uZulu. Uthe uphuthume emtholampilo iBaxedene ngoba bekuyiyo ebiseduze.
“Ngifike khona ngahlala ngamlinda bamhlola. Kodwa abasebenzi bakulo mtholampilo bathe angihambe naye usekude ukubeletha. Ngibachazelile ukuthi mina ngingumshayeli wetekisi, angazi lutho ngokubelethisa ngakho uma kwenzeka exineka ngizokwenzenjani?” kusho yena.
Uthe laba basebenzi bahlule noma esebacela ukuthi okungenani lo mgibeli bambizele i-ambulensi kodwa baqhubeka banqaba, bethethisa lo wesifazane, bethi uyatefa.
“Ngigcine ngihambe naye ngoba bengingeke ngimshiye, okuthe kusaphele imizuzu cishe eyishumi sisukile emtholampilo, wangicela ukuthi ngimise imoto eceleni ngoba usexineke kakhulu. Ngizamile ukuqinisa ikhanda kodwa ngimuzwe esegquma ngaqala ngezwa nokushintsha komoya ukuthi kukhona into eyenzekayo. Ngibuyisele imoto eceleni ngokushesha ngazidela amathambo ngingazi nokuthi kumele ngiqale ngakuphi,” kusho uZulu.
Uthe unina wengane umcele ukuthi azame ukubamba ikhanda lengane ukuze ingaweli phansi. Uthe kuke kwaba umzukuzuku njengoba bekucaca ukuthi uNksz Mthethwa ubebhekene nobunzima, wamcela ukuthi asebenzise isikele noma ummese uma enawo kumlekelela abelethe kahle.
“Ngebhadi bekungekho lutho etekisini efana nommese noma isikele. Kuphoqe ukuthi ngimcele ukuthi azame ukuphusha ngenhlanhla yagcina ingane iphumile,” kuqhuba uZulu.
Uthe ngesikhathi eqeda ukumbelethisa, ungene emotweni waphuthuma emzini obuseduze nalapho engene khona wathola abesifazane abamsize ngokunqamula umzanyana bageza nengane bayimbathisa. Uveze ukuthi ngesikhathi beqeda uthathe usana nonina wabaphuthumisa esibhedlela KwaNongoma ukuze bahlolwe.
Ngesikhathi Isolezwe lithinta uNksz Mthethwa, ubezwakala ephile saka, uthe yena nengane basasesibhedlela KwaNongoma ukuze bahlolwe ukuthi sebekulungele yini ukudedelwa.
Uthe ubephuma emsebenzini kwesinye sezitolo asebenza kuso ephikelele kubo KwaNongoma njengoba emsebenzini ephuma * -5 ntambama.
“Bekuwusuku lwami lokugcina emsebenzini, sengithathe ikhefu ngoba izinsuku zami zokubeletha bese zisondele. Angikaze ngibe nayo ingane, sobabili (nomshayeli) besididekile nami bengisho engicabanga ukuthi kuzongisiza. Kube yisibusiso ukuhlangana nomshayeli onenhliziyo enhle njengaye ngoba nabahlengikazi emtholampilo eBaxedene bengixoshile, bangithethisa bethi anginalutho ngibulawa ukutefa,” kusho uNksz Mthethwa.
Uthe abakubo baqambe indodana yakhe ngo-Lunathi. Uthe umndeni ubusumshayelile ucingo umshayeli, umbonga ngento enhle ayenzile.
Imenenja ehhovisi leSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Sifiso Shangase uthe: “Siyakujabulela okwenziwe umshayeli wethu ngoba kuveza uhlangothi oluhle ngale mboni okucatshangwa ukuthi idume ngodlame kuphela,” kusho uShangase.
Imizamo yokuthola ukuphawula koMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ayiphumelelanga, kuze kwashaya isikhathi sokushicelela bengayiphendulanga imibuzo abathunyelelwe yona.