UMENGAMELI wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa angase abe ngumengameli wokuqala kuleli ukuhola uR3 million uma engakwemukela lokho.
IKhomishini ebhekele ezamaholo abasebenzi bakahulumeni, iphakamise ukuthi wenyuswe umholo kaRamaphosa.
Kuvela ukuthi isiphakamiso sithi akanyuselwe ngo-3% okuchaza ukuthi kungase kwengezwe uR90 000. Lokhu kusho ukuthi angasuka emalini enguR2.99 million aye kuR3.1 million ngonyaka.
IPhini lakhe, uMnuz David Mabuza lona lizothola R2.9 million ngonyaka.
USihlalo wekhomishini oyiNhloko yamaJaji eNorth West, iJaji uMashangu Leeuw, uthe bayasiqonda isimo somnotho esibhedayo.
IJaji uLeeuw lithathe isinqumo sithathwe emuva kokubhunga nongqongqoshe abehlukene ababeke imibono ngalolu daba lweholo likaRamaphosa. Phakathi kwabo kukhona uDkt Nkosazana Dlamini Zuma wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Ronald Lamola wezobuLungiswa, uMnuz Tito Mboweni weziMali. INhloko yamaJaji * -Adv Mogoeng Mogoeng ithintiwe kulolu daba.
Kubuye kwaxoxwa nekomiti lezinkantolo ezisesigabeni esingaphansi, elithe zikhona izikhalo ezivelile ngalokhu kwezinye izinhlaka kodwa bayazifakela izibuko.
Owayengumengameli wokuqala wentando yabantu, uMnuz Nelson Mandela, wanqaba ukwenyuselwa umholo ekhala ngokuthi abantu ezweni bahlupheka kakhulu, akafuni ukubonakala ehola imali enkulu ekubeni isimo somnotho singakuvumi lokho.