AMAPHOYISA aseGoli, acela usizo lokuhlanganiswa nowesifazane ongufakazi oqandula ikhanda esigamekweni sokudutshulwa kubulawe unina wakhe.
UNksz Mbali Angeline Ntuli kukholakala ukuthi useKrankop, la azinze khona.
Okhulumela amaphoyisa aseGoli, uCaptain Mavela Masondo uthe, leli cala ngabe seliyela amaphethelweni njengoba lihleli enkantolo iSouth Gauteng High Court, kodwa seliphinde lama ngenxa yokungafiki kwakhe.
“Uyadingeka ngokushesha enkantolo ukuze icala liphethwe. Uyindodakazi kamufi kanti isoka lakhe yilona elingumsolwa ovalelwe ngokufa kukanina kaMbali. Esikutholayo ukuthi uKwaZulu-Natal la ahlezi khona nesicela ukuthi aze ngaphambili enkantolo,” kusho uCaptain Masondo.
Uthe ongaba nolwazi ngalona wesifazane noma kube nguye othinta uDetective Warrant Officer Thulani Hlungwani ku-011 983 3342.
Kufunwa lona wesifazane nje, ngonyaka odlule isoka lakhe uMziwoxolo Cele, wadubula wabulala unina kaMbali njengoba ayedinwe ukuthi umalile.
UMbali wala uMziwoxolo njengoba ayesehlala ngokumhlukumeza, nala akhetha ukuzombulala ehostela laseMzimhlophe eSoweto.
UMbali kuvela ukuthi wakwazi ukubaleka, nokuyilapho uMziwoxolo akhetha ukudubula umkhwekazi wakhe, wase egcwala amathafa, kodwa amaphoyisa agcina emtholile ngemuva kwezinsuku ezimbalwa.