Nokubongwa Phenyane
UKUTHOLAKALA kwezidumbu ezimbili zabesifazane KwaMashu ngeledlule nokubulawa kwengane yentombazane kusukumise amaciko afuna kwenziwe okuthile ukuguqula isimo.
Izolo amaciko abe nemashi esuka enxanxatheleni yezitolo iBridge City iya kwa-M kuleli lokishi.
Omunye wabahleli bemashi, uThokozani “Tzozo” Zulu, uthe bebengeke bathule ngoba kube buhlungu kakhulu okwenzekile.
“Emalokishini aseThekwini ahlukene kulezi zinsuku kubikwa ngokutholakala kwezidumbu zabantu besifazane. Kubuhlungu kakhulu lokhu okwenzeka kubantu besifazane. Sikhona nje emhlabeni ngenxa yabo abantu besifazane. Abafowethu abenza lobu bubi abakuyeke manje sekwanele. Sithi nje singamaciko: “Wathinta abafazi wathinta amaciko.” Yisona siqubulo sethu manje leso,” kusho uTzozo.
Uthe bazohambela imindeni yabagilwa bafike bashiye ukudla nezingubo zokulala.
“Abaculi bokholo bazohlabelela izingoma zokududuza imindeni sishiye nomkhuleko. Siyabonga kuwo wonke amaciko aphume ngobuningi ukuzohamba nathi kulo mbhikisho. Sibonga noNgqongqoshe wezokukuThuthukiswa koMnoto, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ngokuhamba nathi,” kusho uTzozo.
Amaciko abekhona kubalwa uDJ Sox, Kwela Tebza esuka eGoli, L’vovo, Danger, Naima Kay namanye.
Iqembu iKwela Tebza, elakhiwe izelamani uMpho, Tebogo noTshepo Lerole.
EGauteng nasezindaweni ezisondelene nalesi sifundazwe sebezakhele udumo ngokuba khona emamashini afuze lawa.
Isiqubulo asebezakhele udumo ngaso esithi “Act Now” ngoba bahlale befuna ukuthi kusheshe kutholwe ubulungiswa kumgilwa nomndeni wakhe.