UKWAKHA umnotho kufanele kube seqhulwin ezinhlelweni zakho zika-2018.
Cishe siyazi manje kule ngosi ukuthi imfihlo yokwakha umnotho ilele ekutheni imali engenayo ibe ngaphezulu kwephumayo. Akumele ukuyekele enhlanhleni ukwakha umnotho kodwa kufanele kube yinto oyisebenzayo ngaso sonke isikhathi.
Inhlanhla kufanele ikufice endleni uzikhandla ukuthi ube nezindlela ezihlukene zokufaka imali. Akukhona nje ukufaka imali kodwa kumele uhlele nokuthi imali oyichithayo inciphe.
Ukutshala imali ngenye yezindlela ezinhle zokukhulisa umnotho ngenxa yenzuzo ephezulu. Ikhona kodwa inkinga ngokutshala imali. Udinga ulwazi olujulile ngamasheya futhi kuyibeka engcupheni imali yakho. Isibonelo, muva nje ukwehla kwentengo yamasheya akwaSteinhoff ngaphezu kuka-9% ngo Disemba nje kuphela.
Yingakho ongoti bezokutshalwa kwemali bethi kufanele utshale imali ongakwazi ukuqhubeka nempilo uma kwenzeka icwila. Iqiniso ukuthi asikho isiqiniseko sokuthi imali izokhula uma uyitshala ngokuthenga amasheya noma imali ye-internet efana ne-bitcoin.
Noma kunjalo bakhona abakwaziyo ukuqagela amathuba okukhula noma ukwehla kwamasheya ngesikhathi esithile. Lokhu kuqagela kuncike ekutheni afunwa kangakanani lawo masheya. Uma amasheya efunwa kakhulu iyenyuka intengo yawo njengoba ethengwa kakhulu.
Ngakolunye uhlangothi engafunwa iyehla intengo yawo ukuze athengiseke. Akuwona nje amasheya kuphela, ukufunwa kwento yikhona okuwumgogodla wezohwebo kunoma yiluphi uhlobo lokuhwebelana.
Asithathe isibonelo nje sokuthi kuphele amanzi bese kuphoqa ukuthi abantu bawathenge. Ngenxa yokuthi baningi abawafunayo intengo yawo iyenyuka. Imbangela yokunyuka ukuthi abantu bayawadinga amanzi okwenza bazimisele ukuwakhokhela ngenani elingaphezu kwelijwayelekile.
Ngisho ukwehla nokwenyuka kweRandi nezinye izimali kuncike khona ekutheni ifunwa kangakanani. Nalokhu kudlondlobala okumangazayo kwe-bitcoin nezinye izimali ze-internet kubhebhezelwa yikona ukuthi abantu bayayifuna.
Njengoba abantu beyifuna kakhulu i-bitcoin emhlabeni wonke kwenza intengo yayo inyuke kakhulu. Uma kungathiwa abantu abasayifuni i-bitcoin intengo yayo iyokwehla kakhulu.
Yize kunjalo kulindeleke ukuthi iqhubeke nokufunwa i-bitcoin kule minyaka ezayo kodwa sehle isivinini ngokuhamba kwesikhathi.
Ngenxa yokuthi iningi elitshala kwi-bitcoin lifuna imali esheshayo kuyofika isikhathi lapho abantu bephuma ngokushesha kuyona.
Lokhu kuyokwenza yehle kakhulu intengo yayo ngesikhathi esifushane kugcwalisele lokhu abakubiza ngegwebu (bubble) ngolimi lokutshala imali.
Ukwenza kahle ekutshaleni imali kuncike kakhulu ekwazini izinto ezinomthelela ekunyukeni nasekwehleni kokufunwa kwayo noma leyo mpahla otshale kuyona.
Ziningi-ke izinto ezinomthelela kodwa okubaluleke kakhulu ekuhambeni kwesikhathi wukuzinza kwebhizinisi namathuba okukhula kwalo. Ipolitiki, umnotho nokuzinza ezweni nasemhlabeni wonkana nakho kunawo umthelela. Yingakho kuwumqondo ophusile ukuthola ukwelulekwa wongoti abasemthethweni. Okunye ongakwenza wukufaka imali yakho ezinkampanini ezitshala imali ezisemthethweni kube yizona ezithenga amasheya zisebenzisa ongoti bazo.Yingakho abanye ongoti bezomnotho beyigxeka beyibiza ngegwebu elizoqhuma noma yinini. Ngokusobala uyadinga ukwelulekwa ngumuntu onolwazi olunzulu noma uthole izinkampani ezisemthethweni zokutshala imali ye-internet. Inkinga wukuthi awukabikho umthetho olawula ukuthengwa kwama-cryptocurrencies okwenza kube lula ukuqolwa kwabantu.
Ngithola imibuzo njalo abantu bethi kuthiwa kufanele balungise uR10 000 ukuze bangene kwi-bitcoin. Akulona iqiniso leli, i-bitcoin ungayithenga ngisho ngeRandi elilodwa kanti uma ukwazi ukusebenzisa i-internet ungazithengela wena mathupha.
Noma kuthiwa utshala imali kumasheya noma kuma-cryptocurrencies okubalulekile ukuthola ulwazi. Kufanele uzihluphe ngolwazi lwezinto ezinomthelela ekufunweni kwento ofuna ukutshala imali kuyona. Lokhu kubalulekile ngisho unomelulekile noma inkampani ekutshalela imali ukuze ubuze imibuzo enohlonze. Njengamanje ama-cryptocurencies eze nethuba elingavamile kodwa kufanele siqaphele, singafaki yonke imali ebhodweni elilodwa. Uma ubheke ukutshala imali isikhathi eside kuwubuhlakani ukuthenga amasheya kanti lokhu kwe-bitcoin ungakusebenzisa uma uzotshala isikhashana.
Sishayele ku 031 829 5820. Sithinte kule email address: [email protected]. Thumela iWhatsApp ku-083 354 8794 ujoyine UbuntuWealth group. Hheshe!