CELANI SIKHAKHANE
UMENGAMELI womfelandawonye wezinyunyana iCosatu, uMnuz Sdumo Dlamini, uthi isinqumo se-ANC sokuphoqa izinkampani ukuthi ziqashe abasebenzi ngokugcwele ngemuva kwezinyanga ezintathu beyitoho abahambisani naso ngoba akuzowaqeda ama-labour brokers.
UDlamini ukusho lokhu izolo ngemuva kwenkulumo kaNobhala-Jikelele we-ANC uMnuz Gwede Mantashe ayenze ngoLwesithathu ntambama ohlelweni lwezindaba esiteshini iGagasi fm, lapho eveze khona ukuthi abantu kumele babe yitoho isikhathi esiyizinyanga ezintathu enkampanini bese ngemuva kwalokho beqashwa ngokugcwele.
“Lokho ngeke kubasize abantu abasaxhashazwa ohlelweni lwalezi zinkampani ezibafunela imisebenzi kunalokho abantu basazoqhubeka baxhashazwe.
“Izinkampani esezizokwenza manje ngukuthi zizothatha umuntu abeyitoho bese kuthi kungakapheli nezinyanga ezintathu zimthathe zishintshane ngaye kwenye inkampani ukuze zigweme ukuthi aqashwe ngokugcwele yingakho thina sifuna kuvalwe uhlelo lwama-labour broker,” kusho uDlamini.
UMantashe ukubeke kwacaca ukuthi kusuka kuza ukhetho luka-2009 emqulwini wabo wezethembiso akukho lapho okubhalwe khona ukuthi bafuna avalwe ama-labour broker kodwa babethi bafuna kulawulwe indlela asebenza ngayo.
Ubekusho lokhu ngemuva kokuthi kubekhona abalaleli abebekhala ngokuthi i-ANC isibonakala ithule ngalolu daba ekubeni ngesikhathi kuza ukhetho lwango-2009 abaholi bayo babenxenxa abantu ngokuthi ama-labour broker azovalwa.
“Asikaze thina siyi-ANC sithi sizowavala ama-labour broker kodwa iCosatu eyaqhamuka nalelo gama. Thina esasikusho kwakungukuthi sifuna ama-labour broker alawulwe. Kumanje esifuna kwenzeke wukuthi izinkampani kumele zingamenzi umuntu abeyitoho kuze kudlule izinyanga ezintathu nokuyinto esiyibona iyindlela yokulawula ama-labour broker noma agcine esephela ngoba abantu bazobe besebenza beyitoho izinyanga ezintathu bese kuthi emuva kwalapho baqashwe ngokugcwele,” kusho uMantashe.
Udlamini uthe inkinga nge-ANC wukuthi inovalo lokuthi uma kwenzeka kushaywa umthetho ovala ama-labour broker ibona sengathi kukhona izinkampani eziyofaka uhulumeni enkantolo ziphonsela inselelo lesi sinqumo.
Uthe konke lokho kuyinto engekho ngoba ayikho neyodwa inkampani esike yathi ingaya enkantolo uma kuqedwa lolu hlelo ngaphandle kwe-Edcon abathi ike yasabisa ngalokho.
Ukugcizelele ukuthi abagudluki kodwa bafuna lolu hlelo luphele ukuze kuqedwe abantu abazithola bexhashazwa besebenzela abanye abantu bengatholi ngisho imihlomulo ngokusebenza kwabo.
UMnuz Buti Manamela ngesikhathi ekhuluma nabasebenzi eThekwini ngonyaka odlule wathi inkinga edala ukuthi ama-labour broker angaqedwa wukuthi kukhona abaholi abathile abakumfelandawonye nabo abadla ngawo.