INHLANGANO yodokotela iSouth African Medical Association (Sama) ithi ngeke kwenze umehluko ezibalweni zeCovid-19 ukubuyisela izwe kuthaqa.
UDkt Angelique Coetzee owuSihlalo weSama, uthe kufanele kuhlelwe kahle ukusebenza kwezikhungo zempilo, kugonywe abasebenzi bazo hhayi ukuthi izwe livalwe thaqa.
“ICorona vele ikhona njengamanje ibhuqabhuqa abantu, lokhu ukubona ngokunyuka kwezibalo zabahaqekile. Uma uhulumeni ebuyisela izwe kuthaqa kusho ukuthi laba abantu abagulayo ngeke basizwe muntu. Okokuqala kukhona imindeni ezivalele ngayodwana esisizwa yizihlobo. Uma uthi abantu abahlale ezindlini, kuvalwe amabhizinisi amaningi kusho ukuthi isimo sizoba sibi kakhulu kunalokhu esiyikona,” kusho uDkt Coetzee.
Uthe uhulumeni kufanele avale izikhala zodokotela ezikhona, andise onesi nabanye abasebenzi bezempilo.
“Asisho ukuthi uhulumeni akavule izikhala ezintsha zemisebenzi, sithi akagcwalise lezi ezikhona. Akanike abasebenzi bezempilo impahla yokuzivikela, aqinisekise ukuthi ingqalasizinda nazo zonke izinsiza zisebenza kahle ezibhedlela. Ukuvala izwe akusona isisombululo,” kusho uDkt Coetzee.
Uveze ukuthi odokotela babathinta nsukuzonke bebatshela ukuthi basebenza amahora amaningi futhi uma bekhala izikhulu zezibhedlela azibanaki.
“Ngokuhamba kwesikhathi isibalo sodokotela abasebenzayo njengamanje sizokwehla kakhulu ngenxa yokuthi abanye bayashona, abanye bakhathele. Noma uhulumeni angavala izwe izikhawu eziningi kodwa uma engalungisi inkinga yabasebenza ezikhungweni zempilo ngeke kube nesixazululo. Kuyimanje izibhedlela zigcwele abantu abaneCorona, abezinye izifo bayaxoshwa,” kusho uDkt Coetzee.
Uphethe ngokugcizelela ukuthi abasebenzi bezempilo kufanele bathole umgomo ngokushesha ngoba uma bephuma ezibhedlela baya emindenini okusho ukuthi nayo ingase itheleleke uma bengagonyiwe.