UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal unxuse umphakathi ukuthi uphawule ngomthethosivivinywa ozosiza abahlukunyeziwe osesigabeni sokuthi umphakathi uphawule ngawo.
UMnuz Sihle Zikalala uthe iVictim Support Services Bill (VSS) kuhloswe ngayo ukuthi kunqandwe ukuhlukunyezwa kwabesifazane ngokuthi kube nezinhlelo ezengeziwe ezizosiza abesifazane abahlukunyeziwe.
UZikalala usho kanje ngesikhathi ethula inkulumo yakhe ehambisana nosuku lwabesifazane ngeSonto.
“Umthetho obhekene nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane iDomestic Violence Act uyacutshungulwa ngenhloso yokuthi uchitshiyelwe ukuze kube lula ukuthi abesifazane bathole izincwadi zezinkantolo ezivimbela labo abasuke bebahlukumeza ukuthi basondele eduze kwabo. Lo mthethosivivinywa uphoqa uMnyango wezeMpilo nowezokuThuthukiswa koMphakathi ukuthi ubambe iqhaza elithile ekusizeni abantu besifazane abahlukunyeziwe,” kusho uZikalala.
Uthe amacala okuhlukunyezwa kwabesifazane phakathi kuka- 2019 kuya ku-2020 enyuke ngo-5.4%. Izibalo ezikhishwe muva nje zikhomba ukuthi angu-9 809 amacala okuhlukunyezwa kwabesifazane abikwe eziteshini ezehlukene.
“Ngokocwaningo esilwenzile sithole ukuthi kula macala kuhlukunyezwa abesifazane, izingane nabathandana nabobulili obufanayo. Izindawo okuvamise ukuba bahlukunyezwe kuzo yisemakhaya, ezindaweni ezivulekile nasezindaweni zokucima ukoma,” kusho yena.
Uthe njengoba kumisiwe ukwenziwa kwezinto eziningi iziteshi zaseKZN ezihamba phambili ngamacala okuhlukunyezwa kwabesifazane yiseNanda, Mlaza, Ntuzuma, Mpangeni, Madadeni, KwaDukuza naseShowe.
Uqhube wathi uhulumeni waKwaZulu-Natal uzixhasa kakhulu izinhlelo zokuthuthukiswa kwabesifazane kuzo okukhona ezokusiza abafuna ukufunda nokuthuthukisa amabhizinisi abo.
Uthe uMnyango wezoLimo, owezeMfundo nowezokuThutha inezinhlelo zokuthuthukisa abantu besifazane.
Uthe ohlelweni lokuthuthukiswa kwabalimi abancane okuhloswe ngalo ukuthi abalimi abasathuthuka bathuthukiswe baze bafinyelele ezingeni lokutshalela ukudayisa, baningi abantu besifazane abathole ukuxhaswa yilolu hlelo. Emnyangweni wezeMfundo uthe baningi abantu besifazane abanikwe umsebenzi wokuphekela abafundi ezikoleni.
Uthe uhulumeni wesifundazwe uyazama ukulinganisa ubulili uma uqasha abazoba sezikhundleni zokuphatha.
Uthe kule nyanga bawu-58% abantu besifazane abasezikhundleni zokuphatha emnyangweni wezokubusa ngokubambisana nokuyiwo ohamba phambili ngezibalo zabesifazane abaningi abasezikhundleni zokuphatha.