B AYIPHEKA ngomhluzi wenye kwaVolkswagen South Africa iGolf GTI njengoba sebekuphindile futhi lokho ngokuyinika amandla athe thuthu okuyinto engingangabazi ukuthi bayenze ngoba kubonakala idumela kule moto. KwaVW sebengeze iPerformance Pack ehambisana namandla athe thuthu kanye nokubambelela emgwaqweni.
Uma beyibeka indaba yabo bathi iGTI ne-Golf R yizimoto ezithengwa kakhulu kuma-Golf. Ngokwezibalo ukuthengwa kwazo kulinganiselwa ku-60% eNingizimu Afrika. Njengoba sekukhona iPerformance Pack ebiza uR447 800 okusho ukubiza ngo-R20 000 ngaphezulu kule GTI ejwayelekile. KwaVW bathi abantu bazokwazi ukuphefumula ngoba ingaphansi ngoR62 000 uma uyiqhathanisa nentengo yeGolf R ekhiqiza amandla afinyelela ku-206kW.
IPerformance Package ithi ayilingane ne-2 litre GTI turbo esebenzisa uphethroli kodwa amandla ayo bawengezile ngo-7 kw ngaphezulu okusho ukuthi asengu-169kW ngaphezulu kweGTI ejwayelekile kodwa i-torque isemi kuyena u-350Nm.
KwaVW bathi noma amandla bawenyusile kodwa kuphethroli ayicaphuni kakhulu ngoba idla amalitha angu-6.4 ngebanga lika-100km. Ijubane layo eliphezulu ligcina ku-248km/h. Okunye okuyenza ingadli kakhulu kuphethroli ukuthi ezindaweni ezithile njengasemarobhothini injini iyazicisha ibuye ishaye futhi.
Kuyabonakala ukuthi izimoto zakwaVW zizogcina seziphuma no-gearbox we-DSG zonke ngoba nakulena isimo esifanayo. Okwamanje ayikho eshintshwayo. Nayo ungakwazi ukuyishayela ngezindlela ezihlukene kusuka ku-Comfort, Normal neSport (lapho kusala amaphepha). KwaVW bathi amandla awasho lutho uma imoto ingeke ihlale mba phansi.
IPerformance Pack yabo ihambisana ne-electronic front differential lock (ekwazi ukubona uma amasondo eshibilika ngesikhathi umshayeli eyinyathela bese iyakwazi ukusabalalisa amandla emasondweni angaphambili).
Uzozibuza ukuthi uzoyibona ngani iGTi ene-Performance Pack, kulula ngoba into egqamile uphawu lwe-GTI olubomvu ngemuva nangaphambili.
Ama-disc emasondweni axoxa indaba ngoba ngaphambili angu-340 mm kuthi ngemuva abe ngu-310 mm. Ezinye izinto ungakwazi ukuzengeza njengamalambu eBi-xenon, satellite navigation system, Light Assist, sunroof, Park Distance Control, Park Assist ne-towbar. I-Golf GTI Performance Pack njengezinye izimoto zakwaVW iphuma ne -service plan yeminyaka emihlanu emuva kuka-90 000km ne-warranty yebanga lika-120 000 emuva kweminyaka emithathu.