MHLELI: Bengicela kwabohlanga kesibheke emuva lapho sisuka khona ukuthi ngabe sisayibambe ngakho noma isisiphunyukile isidla utshani? Ake sibheke isimo phansi kwalezi zihloko ezilandelayo.(1)imisebenzi (2)ubugebengu (3)ezokuhlaliswa kwabantu.(4)umhlaba.(5)abohlanga.
Ngike ngizibuze ukuthi imbangela yokuswela umsebenzi ngabe yini? Ngike ngibone izikhangiso zomsebenzi ziziningi futhi zisho nemiholo emihle bese ngixakeka ukuthi pho kungani izingane zakwethu zihlale zikhala ngokungaqasheki zibe zifundile. Uma ulandelisisa inkinga ngamava.
Ngiwufakazi walokho ngoba ngiye ngibone ezikhangisweni kufuneka abanamava eminyaka ewu-3,5,7 alowo msebenzi.Bekunganjani uma uhulumeni wethu ake abhekelele abafowethu nodadewethu abahleli neziqu zabo emakhaya ngenxa yamava angekho adingwa wumsebenzi abawufundele. Imalimboleko ebizwa ngoNSfas boyoyibuyisa nini behleli neziqu emakhaya.
Benginombono othi njengoba uhulumeni ekwazi ukunikeza izibonelelo kubantu abahlwempu nabo akazame ukuthi umuntu ngamunye ngokomsebenzi awufundele athole lelo thuba lokusebenza esizana nasebemkantshubomvu ukuze azuze amava awumgoqo ekutheni aqasheke. Ngicabanga ukuthi singabasiza leso sibonelelo sokuthi bakwazi ukuzibheka besafuna amava. Ubugebengu ngicabanga ukuthi imbangela yabo ukusweleka komsebenzi.
Yebo singephike ukuthi nokufuna imali esheshayo nobuvila nakho kunomthelela ebugebengwini. Okunye okuyinkinga wukuhlaliswa kwabantu ezindaweni ezingakulungele ukuhlala - ezingahlelekile, ezingenagesi, amanzi ukuthuthwa kwendle nemigwaqo.Uma ngikhumbula kahle indawo ekulungele ukuhlalisa umphakathi iqala ihlolwe wochwepheshe ukuthi kukhonani phansi nokuthi kumele izakhiwo zibe wuhlobo olunjani anduba kuhlaliswe umphakathi.Umhlaba ngane zakwethu ukhona ubanzi inkinga ukuthi siyakwazi yini ukuwusebenzisa?
Asingafani nomuntu othenga imoto engakwazi ukushayela bese igcina isisetshenziswa ngabakwaziyo, ingabi nanzuzo kuye. Bengingacela singabohlanga kesihlukane nobuvila nokufuna ukwenzelwa wuhulumeni ngaso sonke isikhathi. Asimlekeleleni ukuze naye asisize kwesikuvezayo. Sasingavoteli ukuhlala sikhangezwa wuhulumeni. Sasivotela ukuba sikhululeke. Uhulumeni ake asilalele uma sikhala kungaze kushiswe izakhiwo zomphakathi kube yima elalela. Lokho kukodwa nje kusiphindisela emuva ngoba kusasa uzothi akanamali yokusisiza usalungisa umonakalo odaleke ngenkathi kubhikishelwa izimfuno zomphakathi.Ngakhoke ngiyacela bafowethu nodadewethu isikhathi sokushisa nokulimaza izinsiza sesadlula. Akusezona ezobandlululo sekungezethu, yimali yabakhokhi bentela esidlala ngayo. Ake sibe nezinye izindlela zokukhononda nohulumeni asheshe ezwe angalindi ukuthi abantu baze baphelelwe yisineke.Asingazitholi sesifana namanye amazwe ase-Afrika ngobuphofu ngoba nawo ayefana nathi ekusukeni. Asiqapheleni ngane zakwethu singazibulali sibhekile.
Sesikhululekile manje asiyibambeni ingasiphunyuki, sokhomba bani ngomunwe? Abakuhulumeni abangazinothisi bona nemindeni yabo. Balapho nje bathunywe yithina.
Petrus Radebe
EMadadeni