CHARLES KHUZWAYO
I-ALBHAMU yomculi kamaskandi esimbangele amazinyo abushelelezi kubantu bangaphandle esihloko sithi Abahambe Osbali kuthiwa idayisa ubuthaphuthaphu ezitolo zomculo.
Nasemsakazweni igila izimanga le albhamu kaZanefa Ngidi njengoba kungakapheli zinsuku ezingaki iphumile, kodwa isingunombolo 7 kwiTop 10 yomculo wesintu oKhozini FM. Kwenzeka lokhu nje, kuke kwabikwa ukuthi abantu basemazweni angaphandle bathukuthele bayaveva baze bafaka lo mculi kwiKhomishana Yamalungelo Oluntu ngoba besola ukuthi leli culo lizogqugquzela udlame olubhekiswe kubo.
Udlame olubhekiswe kwabokufika kuleli ludlule nemiphefumulo eminingi yabantu bangaphandle nabakuleli, okuyisigameko esaphoqa ukuba abanye babuyiselwe emazweni abo kanti abanye bayobhaciswa ezinkanjini.
Engxoxweni ekhethekile abe nayo naleli phephandaba uZanefa uvumile ukuthi iCD yakhe ithengwa ubuthaphuthaphu.
Uthe yize isimfake enkingeni kodwa akazimisele ngokuxolisa ngoba akukhulumayo kuyiqiniso.
“Ngeke ngixolise ngoba ngesikhathi ngenza le ngoma ngangingaphuzanga. Uma kuwukuthi uhulumeni akazisukumeli izikhalo zethu njengabaculi noma kanjani ngizokwenza enye engase isuse omkhulu umsindo. Angizoyeka ukubhala.
“Kungiphatha kabuhlungu ukuzwa kukhalwa kakhulu ngokubulawa kobhejane kodwa kungashiwo lutho ngokudliwa kwamandla ethu. Nalezo zimpondo zobhejane akekho umuntu wakwaMaphumulo naseMsinga ongathi uyazi nokuthi zenziwani. Kuyacaca ukuthi yibo labo sibali abazithathayo.”
Kule ngoma lo mculi ukhuluma kanje: “Yini Uhulumeni Engakhulumi Nathi Thina Esihlala Ematshotshombeni Ukuthi Sibangani Nosbali. Obuza Kithi ngoba Uma Bentshontsha, Bantshontshela Thina. Nomculo Wethu Uthengiswa Yibo Osbali laba, Uhulumeni Uthule Sengathi Udutshuliwe. Yingakho Abantu Behlukene Phakathi. Kukhona Abathi Ayihlale Phansi Ibambe Umthetho, Kukhona Abathi Ayihlale Phansi Ibambe Isagila. Mina Ngithule…”
Uthe okwamenza waqamba le ngoma yingoba wake wabhadama abanye abantu bangaphandle bedayisa umculo wakhe okokoteliwe, wathi uma ebabuza ukuthi bakwenzalani lokhu, bafuna ukumshaya bethi uzenza uZanefa.
Ephetha uthe okumphatha kabi wukuthi abaculi basebenza kanzima kodwa bagcine befe bengenayo ngisho indibilishi ekubeni umculo wabo udayisa ubuthaphuthaphu.
UZanefa uthi le ngoma uzoyicula kuMaskandi Experience Ethekwini Festival ePeople’s Park, eThekwini, ngo-Okthoba 10 kusukela ngo-12 emini.
Uzobe eshiyelana inkundla naMageza Amahle, AmaSAP, Khuzani, Mjik’jelwa, Thokozani Langa, Shwi Nomtekhala, Osaziwayo, USgwebo Sentambo, Igcokama Elisha nabanye.