OWESIFAZANE oneminyaka engu-36 wakwaTomu, eWillowfontein owabhokodwa amanxeba angu-14 nguyise wengane yakhe ngoba engafuni ukwaliwa, uthi namanje akakholwa wukuthi uyaphila.
Owesifazane esiligodlile igama lakhe, uthe namanje usazibuza ukuthi waphunyuka kanjani ekufeni njengoba uyise wengane yakhe engumagcino (2) osagcwele amathafa, wayethi uyaqeda nya ngaye, ngoDisemba 26 .
Echaza ngasola ukuthi kwaba yimbangela ngokulinyazwa kwakhe, uthe yincwadi ayithola emaphoyiseni ngoFebhuwari nyakenye emvikela kuyise wengane yakhe obesehlezi emsabisa ngokumbulala. Uthe ngesikhathi efika edakiwe umsolwa ngobusuku amlimaza ngabo, wamtshela ukuthi ufuna baqhubeke nothando lwabo.
“Namanje ngisamangele ngokuthi ngempela ngasinda kanjani esigamekweni esangehlela njengoba uyise wengane yami angishiya endlini encane engaphandle ezitshela ukuthi uqedile ngami. Ngenkathi egasela kwami ebusuku ngingazelele, wakhipha ummese maqede wabuza ukuthi akuphi amaphoyisa engithembele kuwona. Kwathi ngisamangele, wangitshela ukuthi uzobulala ingane yethu ngoba uyabona ukuthi inomthelela ekuxabaneni kwethu. Kwathi ngisathuswe yilawo mazwi, waqala wangigwaza endlebeni yangakwesokudla ngommese. Waqhubeka engibhokoda ngawo ngemumva kwentamo amahlandla angu-13,” kuchaza owesifazane.
Eqhuba uthe ngesikhathi egwazwa wakhetha ukuthula ukuze uyise wendodana yakhe angabulali izingane zakhe zontathu amtshela ukuthi uzozijuqa zonke uma eke wamemeza.
“Isimo sami kumanje asisihle ngoba angisakwazi ukuhamba. Sengiyabanjwa uma ngiya endlini encane noma ngifuna ukunyakaza. Isandla sami esisodwa asisasebenzi nhlobo futhi sengiyagezwa,” kuzikhalela unina wezingane ezintathu.
Umfowabo kamgilwa naye esiligodlile igama lakhe, uthe isifiso somndeni wukuthi kutholakale umsolwa ngoba bonke bazizwa bengaphephile njengoba kungaziwa ukuthi ubhacephi. Uthe uyise wengane kadadewabo ungumuntu oyingozi nongenazwelo njengoba ambhokoda ngommese ekubeni amaphoyisa amdonsa ngendlebe athi akumele asondele eduze kwakhe ngokwencwadi ayithola kuwo ( amaphoyisa).
“ Okusikhathaza kakhulu wukungasizweli kwamaphoyisa endawo esavula kuwo icala nasitshela ukuthi masihambe siyozibhekela thina umsolwa endlini yakhe ukuze ambophe. Thina sizokwenza kanjani lokho ekubeni kucacela wonke umuntu ukuthi uyingozi uyise wengane kadadewethu? Sifisa lolu daba lusukunyelwe phezulu ngabomthetho ukuze sikhululeke emoyeni,” kubeka umfowabo kamgilwa.
Okhulumela amaphoyisa eKZN uCaptain Nqobile Gwala uthe amaphoyisa asePlessislaer aphenya icala lokushaya ngenhloso yokulimaza nelokuphulwa umyalelo wencwadi yokuvikela umgilwa.
UNgqongqoshe woMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni, uNkk Nonhlanhla Khoza, ucele amaphoyisa ukuthi amthungathe umsolwa owenze ubulwane.
“Sinovalo lokuthi lo mlisa angabuyela kumgilwa ngenhloso yokuyomqedela. Njengomnyango sifisa ukuthi le ndoda itholakale bese ivalelwa ngaphakathi. Isifundazwe sonke siyakhala ngezigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane yingakho sithi mabagcinwe ejele bonke abahlukumeza abesifazane,” kusho ungqongqoshe.