SLINDILE KHANYILE
U KUBE uyise akamgqugquzelanga ukuthi aqale athole iziqu ze-BCom futhi ukube akathanga esathwasa emsebenzini wokuba yi-accountant wahlangana nomuntu owamtshela ukuthi abantu abamnyama iyabahlula i-board exam ebhalwa ekugcineni ngaphambi kokuthi umuntu abizwe nge-Chartered Accountant (CA), mhlawumbe ngabe iNingizimu Afrika ayiziqhenyi namhlanje ngokuthi inephini loMcwaningi-mabhuku jikelele ongowesifazane wokuqala ukuphatha lesi sikhundla.
UNkk Tsakani Ratsela (38) ongene esikhundleni sikaMnuz Kimi Makwetu osekunguyena uMcwaningi-mabhuku jikelele kuleli uthi yena ngokwakhe wayehlele ukuba ngummeli njengoba noyise wayengummeli. Kodwa wathi eseyofundela umsebenzi uyise wameluleka ngokuthi akaqale enze iBCom ngaphambi kokwenza iziqu zobumeli.
“Ngenza njengoba kwakusho ubaba ngoba ngangingafuni ukulwa naye. Ngesikhathi ngisafunda bengiyaye ngisebenze, lapho engangisebenza khona kukhona umuntu owangitshela ukuthi ababaningi abantu besifazane abamnyama kulo msebenzi. Ngambuza ukuthi kudalwa yini lokho, wathi yingoba bayahluleka ukuphasa i-board exam yokugcina ngoba ilukhuni. Wangitshela ukuthi uyedwa kuphela umuntu wesifazane omnyama owayesakwazile ukuphasa, lowo kwakuwuNonkululeko Gobodo.
“Emuva kokuzwa lokho, ngazitshela ukuthi mina ngingayenza le nto futhi ngathi uma ekhona osekwazile ukuyiphasa mina ngingahlulwa yini. Ngangikhulunyiswa nanokuba noshiki, phela ngangisafunda enyuvesi. Nangempela ngaqhubeka ngayiphasa, ngaba yi-Chartered Accountant futhi angizisoli ngesinqumo sami. Ngisebenzela leli hhovisi (loMcwaningi-mabhuku) ngoba ngiyakuthanda ukusiza umphakathi.”
Ukwandisa isibalo sabantu abamnyama ikakhulukazi besifazane abangena kulo mkhakha ngezinye zezinto azimisele ngokuqhubeka nazo kulesi sikhundla sakhe njengoba ezogxila kakhulu ekuthuthukiseni abantu.
Uthe yizinhlelo abavele benazo kuleli hhovisi njengoba kumanje kunama-CA angaphezu kuka-500, iningi lawo okungabantu abamnyama ababathuthukisile.
Uthe bazimisele ukwenza umsebenzi ngendlela enohlonze nesezingeni eliphezulu ukuze nabantu abafisa ukungena kulo msebenzi bazi ukuthi kufuneka umuntu ashaye into ecokeme.
UNkk Ratsela akamusha kuleli hhovisi njengoba phambilini ebephethe isikhundla sokuba yiNational Leader ye-Audit Services kanti uthi lokhu kuzomsiza akwazi ukumelana nomsebenzi omkhulu omhlalele nathi kodwa akangabazi ukuthi uzokwazi ukuwenza ngoba kukhona ithimba labantu elikhaliphile futhi eliwaziyo umsebenzi abambisene nalo.
Uthe ukuba ngumuntu wesifazane wokuqala ukuphatha lesi sikhundla kumqoka ngoba kusho ukuthi ihhovisi likaMcwaningi-mabhuku liyinhlangano eholwa ngabantu abahlelela ikusasa njengoba bebonile ukuthi yena unekhono abalicijile bemkhulisa ukuze akwazi ukungena ezicathulweni zikaMakwetu.
“Okwesibili kusho ukuthi njengoba umkhakha wethu unabantu besifazane abaningi abasha abangena kuwona uyawenza ngempela umsebenzi wokunika abesifazane ithuba futhi inkampani yethu ihamba phambili ekuletheni lolu guquko,” kusho yena.
UNkk Ratsela ufunde e-University of Cape Town lapho athola khona iziqu zeBCom Accounting ngo-1996 kanjalo nePost-graduate diploma in Accountancy ngo-1997.
Ezinye izikhundla aseke waziphatha ngesokuba ngumengameli we-Association for the Advancement of Black Accountants, ibamba lesikhulu esiphezulu kwa-Energy & Water SETA, isikhulu esiphezulu seZingwe Holdings lapho ayengomunye wabasunguli benkampani, uke waphatha nase-Eastern Cape Development Corporation nakwaWorldwide Capital.
Wathwasiswa kulo msebenzi kwaPriceWaterHouseCoopers lapho agcina khona eseyi-assistant manager.
Uma engacwaningi amabhuku, uzipholela ngokugijima nokuzivocavoca.
Ugijima ekuseni ngovivi nomyeni wakhe, ahlangana naye khona ekugijimeni kanti uthi lokhu ngenye yezindlela zokukhulisa uthando lwabo. Ugijima ama-half marathon afana neTwo Oceans Marathon.
Babusiswe ngabantwana ababili.
Uthi noma kungelula ukusebenza futhi unakekele nomndeni kodwa uyakwenza kokubili esizwa ngumyeni wakhe, abazali bakhe nabafowabo nodadewabo.