BATHI ngeke bayeke ukuteleka uma bengakaqashwa ngokuphelele abasebenzi befemu eyenza insipho eJacobs, eThekwini iQuality Products.
Izolo laba basebenzi bebebhikisha ngaphandle kwale nkampani beqashwe ngamaphoyisa ahamba ngezithuthuthu nahamba ngamaveni namanye abehleli ekhumbini.
UNksz Thandeka Majola omunye wabasebenzi uthe okubenze bateleka wukuthi sekuphele iminyaka engu-12 besebenza kule nkampani bengamatoho, kwase kufakwa i-agent eqasha abantu kodwa bona bebengaqashiwe ngokuphelele.
“Sisebenza ngaphansi kwezimo ezinzima sishiswa nangamakhemikhali kodwa umqashi akafuni ukusiqasha ngokuphelele. Ulande i-agent esiqasha abantu thina sisahleli singamatoho. Sifuna ukuqashwa ngokuphelele nokuthi uma silinyazwa amakhemikhali sithole izinxephezelo. Uma umuntu elinyazwe wumshini uyaxoshwa kuthiwe wubudedengu bakhe,” kusho uNksz Majola.
Omunye umsebenzi, uNksz Queen Zondo uthe bafuna kungenelele uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezoMnotho KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala abakhulumele ukuze abaqashi bayeke ukubaxhaphaza.
Abasebenzi base Quality Products bakhala ngokuxhashazwa wumqashi ongafuni ukubaqasha ngokuphelele. ISolezwe likhulume noNksz Gugu Qwabe noNksz Sharon Bhengu ngalolu daba. Video: BONISWA MOHALE
“Siyacela uMnuz Sihle Zikalala azosikhulumela lana ngoba kuqashwa ezinye izinhlanga yize thina sesisebenze iminyaka eminingi singaqashiwe. Siyakudinga ukungenelela kwakhe ngoba uyena ohlale efuna abatshalizimali kufanele noma sebefikile aqinisekise ukuthi abasixhaphazi singabasebenzi,” kusho uNksz Zondo.
Isolezwe libathintile abaseQuality Pruducts, obambe ucingo uthe abaphathi benkampani basemhlanganweni nenyunyana yabasebenzi, mhlawumbe bazoze baphendule kusasa ngoba basebenza ngokuzikhandla ukuthola isixazululo.