ZININGI izinto eziholela ekutheni abantu bathunjwe ngenhloso yokuthi imindeni yabo ikhokhe imali.
Lokhu kushiwo yisikhulu esiphezulu senkampani iMaksure Risk Solutions, uMnuz Knight Mawere ngesikhathi ephawula ngokwenyuka kwezibalo zabantu abathunjwayo kuleli.
Ngokwezibalo zakamuva ezikhishwe iStatistics SA, bangu-15 000 abantu abathunjwayo kuleli ngonyaka. Iningi labo kuba ngabesifazane nezingane.
UMawere uthe ziningi izizathu ezenza ukuthi abantu bathunjwe, okungaba wukuthi usebenza kweyiphi inkampani, indawo ahlala kuyo, indlela umuzi wakhe owakhiwe ngayo (uma unezinto eziningi zezokuphepha ngokwezigebengu kungasho ukuthi udla izambane likapondo).
Okunye kungaba wuhlobo lwemoto ohamba ngayo, isikole okufunda kuso izingane. Lezi zinto uthe zinomthelela wokuthi uthunjwe noma elinye ilungu lomndeni wakho.
UMnuz Chad Thomas we-IRS Forenzic Investigations, uthe iNingizimu Afrika ihamba phambili ngezigameko zokuthunjwa e-Afrika yonke.
Uthe ngokujwayelekile abathumbi baqale baphenye kabanzi, abavele bathumbe noma ngubani, wathi kodwa sezikhona izimfunda-makhwela ezikopela okwenziwa yilaba abasebenzisa izinga eliphezulu lokuphenya okuhambisana nokuhlela okunobuchule.
Uveze ukuthi ziyehluka izizathu zokuthi abantu bathunjwe, kuvame ukuthi kube ngesokuthi bashushumbiswe kwamanye amazwe, esokuthi abathumbi bathole imali, esokuthi babulawe noma abathumbi babenze izigqila zocansi nokunye.
"Azikho izibalo eziyizo ezisikhombisa ukuthi izizathu zokuthunjwa kusuke kuyini. Ngicabanga ukuthi isizathu sokunyuka kwezibalo zokuthunjwa kuleli yingoba izigebengu ziyabona ukuthi ngakulolu hlangothi izinhlelo zokulwa nalobu bugebengu, aziqinile kahle.
“Amaphoyisa aqala ukuphenya ngokulahleka komuntu omdala ngemuva kwamahora angu-48. Engingeluleka ngakho abantu ukuthi basebenzise ama-App akumaselula, akhombisa ukuthi ukuphi.
“Sekuyisikhathi sokuthi iselula ibe wusizo hhayi ithuluzi lokugcina izimfihlo, ukuze uma kwenzeka wehlelwa yilesi sehlo kube lula ukuthi usizakale kusalindwe isikhathi samaphoyisa," kusho uThomas.
Ngokombiko we-Stats SA, iGauteng neKwaZulu-Natal ihamba phambili ngamacala okuthunjwa kwabantu abikiwe.
EGauteng kubikwe amacala angu-7 818, KwaZulu-Natal angu-3 081 ngonyaka wezimali ka-2022/2023.
UNgqongqoshe woMnyango obhekelele abesiFazane, iziNgane nabaKhubazekile uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma, uthe abantu besifazane nezingane yibona abavame ukugilwa.
Unxuse amaphoyisa ukuthi enze umsebenzi wawo wokuvikela ukuze kwehle lezi zibalo.