ABEQEMBU uMkhonto weSizwe (MK) bakhala ngenkohlakalo nokugqoza kwezidingo kumasipala oyinhlokodolobha yesifundazwe iKwaZulu-Natal, uMsunduzi.
Izinkumbi zamalungu eMK zibe nombhikisho emahhovisi omkhandlu asedolobheni uMgungundlovu, izolo, lapho bekhale khona ngokungahanjiswa kwezidingo.
Amalungu eMK athe inkohlakalo iyona eyenza ukuthi umasipala wehluleke ukuhambisa izidingo.
Umdidiyeli weMK eMsunduzi, uMnuz Majay Hadebe, uthe umasipala uyahluleka ukuhambisa izidingo ezifana namanzi nogesi.
“Ugesi uyacishwa njalo phakathi kuka-5 no-9 ntambama. Bathi abantu abasuke besuka emsebenzini abapheke ngani? Amanzi ayahlupha ezindaweni eziningi futhi awahlanzekile.”
UHadebe uthe idolobha seliphenduke isizinda semigulukudu namaphara ngenxa yokungaqiniswa kwemithetho yomkhandlu.
“Izigebengu ziyacanasa. Abokufika nabo bayazenzela nje.”
UHadebe uthe umasipala awunalo uhlelo oluthembekile lokubheka ukuthi abantu bawusebenzisa kangakanani ugesi namanzi.
“Kunabantu okuthiwa bakweleta imali eshisiwe kodwa uma usuthi uyalandelela uyathola ukuthi bayasukelwa. Sifuna ukuthi zicishwe zonke izikweletu ezindala.”
UHadebe uthe bafuna nokuthi umasipala uqashe ngokugcwele bonke labo abaqashwe ngaphansi kohlelo lwemisebenzi yomphakathi.
Umasipala unikezwe izinsuku eziyisikhombisa ukuba uphendule.
Uhlu lwezikhalazo lwamukelwe ngobambe njengemenenja, uMnuz Sabelo Hlela.
IMeya kaMasipala waseMsunduzi, uMnuz Mzimkhulu Thebolla, ikhale ngobuxoki kwabeMK.
UThebolla obekhuluma ngaphambi kombhikisho, uthe izinkinga eziningi ezikhungethe umasipala zaqala ngesikhathi kusaphethe abantu asebengamalungu eMK.
Uthe umkhandlu waze wafakwa ngaphansi kweso lomlawuli kusaphethe abantu asebengamalungu eMK.
“Kusobala ukuthi laba bantu babengayenzi into ababeyithunywe i-ANC, babezenzela okwabo. Vele eMgungundlovu kwakugcwele izingede zohulumeni wobandlululo. Manje sekuyavela ukuthi abantu bayiliphi.”
Baningi ababengamakhansela eMsunduzi asebefudukele kwiMK.
Phakathi kwabo kukhona owayephini lemeya, uMnuz Thobani Zuma, kube uMnuz Mtuza Mkhize noMsizi Ngcobo, nabo ababengamakhansela e-ANC.
Umgqugquzeli weMK eMsunduzi, uMnuz Thabo Mbambo, uthe angeke baphawule ngokuthi yini eyayenziwa yilaba baholi ngesikhathi besaphethe eMsunduzi.
“I-MK inhlangano entsha. Simukela wonke umuntu. Asibheki ukuthi uphumaphi. Sonke sivula ikhasi elisha.”
UThebolla uthe iMK ayizange ibazise ngemashi yayizolo.
“Sizwile nje kuthiwa bathi bazokhipha amasela, bathi bazokulwa nenkohlakalo. Abantu beMK abangakhohlisani. Ukhetho oluzokuba ngoMeyi 29, akusilo olomasipala. Bona uma benezikhalazo kufanele balandele imigudu efanele ukuze izikhalazo zabo zizosukunyelwa.”