BAKHALA ngomnikelo abanye abefundisi njengoba sekubekwe imibandela ngokuhlangana okuthinta nePhasika, ukuze kunqandwe ukubhebhetheka kweCoronavirus (Covid-19).
Abefundisi abangaphansi komkhandlu iKwazulu-Natal National Council (KZNCC), bebehlangene ngoLwesine eThekwini ukudingida ngezinkonzo zePhasika njengoba ziphazanyiswe yilolu bhubhane.
USolwazi Simangaliso Kumalo weReligion and Governance eNyuvesi yaKwaZulu-Natal ophinde abe nguMfundisi eWeseli, uthe kumele kungafihlwa ukuthi ibandla ngeke liphinde lifane nakuqala emuva kwalolu bhubhane.
“Kumele singakhohlwa ukuthi konke lokhu kuzoba nomthelela nasezimalini emabandleni. Abantu banikela kangcono uma besesontweni. Yingakho zonke lezi zingququko zisikhathaza ngoba umnikelo uyadingeka,” kuchaza uKumalo.
UMbhishobhi Phumlani Khumalo webandla iGagasi leNkululeko, uthe abaxabene nekhwelo likaMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi kugwenywe ukuhlangana kwabantu abaningi kodwa bakhathazekile ngeminikelo. Uthe bazoshayeka emnikelweni futhi bekumele uhulumeni abanxephezele.
UMfundisi Thomas Nzama waseLuthela eMsinga, uthe kuyiqiniso ukuthi abanye abefundisi bazolimala ngoba baphila ngayo iminikelo. Nokho unxuse ozakwabo ukuthi bacabangele impilo yabanye abantu.
“Kumele kukho konke singazicabangeli thina kodwa sicabangele nalabo esibaholayo ngoba sisazobadinga bephila,” kusho yena.
Kulo mhlangano kuvele nombono wokuthi abazalwane bakhuthazwe ukufaka iminikelo kuma-akhawunti noma benze ama-debit order ngesikhathi kusenemigomo yokuhlangana ezinkonzweni.
INGXENYE yabefundisi abebethamele isithangami seKZN National Church Council okunguMfundisi Douglas Dziva, Cardinal Wilfred Napier noMfundisi Dean Myaka belalele uNkk Penny Msimang obethunywe uMnyango wezeMpilo ukuzofundisa ngeCoronavirus Isithombe: BONGANI MBATHA/ANA
Ngaphandle kwesikhalo seminikelo, abefundisi baveze izinhlelo zabo mayelana nezinkonzo zePhasika.
UDkt Lucas Ngoetjana oyiphini lesikhulu esiphezulu kwiKZNCC, uthe makungagxilwa kakhulu ePhasikeni kodwa okubalulekile ukukhonza uNkulunkulu, athe kungenzeka ngisho emakhaya.
UCardinal Wilfred Napier webandla lamaKhatholika, ophinde abe nguSihlalo weChurch Leaders Group esifundazweni, uthe isinqumo abasithathile kulo mkhandlu ukuthi izinkonzo zePhasika ziqhubeke kodwa kulalelwe imiyalelo yokuphepha ebekwe uhulumeni. Uthe bazokwandisa izinkonzo ukuze bamelane nesibalo sika-100 futhi wonke amakholwa athole ithuba. Uthe lesi sinqumo asihlangene nokukhathazeka ngomnikelo.
“IPhasika umgubho obaluleke kakhulu kumaKhristu, ngeke kulunge ungabikhona. Kuzoba nzima ukulawula ukungena kwabangu-100 enkonzweni ngayinye kodwa sizozama,” kusho yena.
Mayelana nemishado nemingcwabo, uthe sekumele kube ngamalungu omndeni kuphela ayihambelayo.
Isimemezelo sikaRamaphosa ngemigomo emisha yokuhlangana sihlukanise ngisho abefundisi, abanye abathi kuwukwesaba ukuhlehlisa izinkonzo. Emhlanganweni weKZNCC bagxekiwe abefundisi abadukisa abantu ngokuthi ingalandelwa imiyalelo. Ezinye iziphakamiso zalo mkhandlu ukuthi uhulumeni alethe amanzi lapho kuzobe kuhlangene khona amakholwa. Kuzomenyezelwa nosuku lomkhuleko wesifundazwe.
Izolo uRamaphosa uhlangane nabaholi bezenkolo wagcizelela ukuthi basize ukunqanda iCovid-19.
Ugcizelele ukuthi indaba yesibalo kumele isebenze nasemngcwabeni, wancoma amabandla asenqume ukuhlehlisa izinkonzo zePhasika.