AMAKHANSELA amahlanu abengamalungu eDA asulile emkhandlwini wedolobha laseKapa ahlela ukubopha umholi kazwelonke wale nhlangano uMnuz Mmusi Maimane.
Afuna awakhokhele uR1 million ikhansela ngalinye.
ObenguSotswebhu omkhulu uMnuz Shaun August, uNksz Suzette Little, uMnuz Siyabulela Mamkeli, uMnuz Greg Barnardo noThulani Stemele, sebexhumene nommeli ukuba athathe izinyathelo ngalolu daba.
Ngokusho kwabo, ngoLwesine ubesethunyelelwe amasamanisi amazisa ngalokhu.
“Sifuna akhokhele umuntu ngamunye uR1m ngokusihlambalaza,” kusho uNksz Little.
Uthe bathathe lesi sinyathelo ngoba uMaimane engazange akhombise ukuzisola ngakwenzile.
Bafuna ukunxeshezelwa ngalolu hlobo nje emva kokuthi kube nezinsolo zokuthi uMaimane wathi laba abahlanu bayathinteka embikweni kaBowman owawubasola ngokugqiba inkohlakalo emkhandlwini.
“UMaimane waqhubeka ekhipha imibiko esibandakanya nenkohlakalo ngaphandle kokuthi ayihoxise. Yingakho sesixhumene nabameli bethu ukuthi bambophe ngokusehlisa isithunzi,” kuqhuba uNksz Little.
Okhulumela iDA kuzwelonke uMnuz Solly Malatsi, uthe abameli bakaMaimane bazophendula maduze ngalolu daba.
“Laba abahlanu abebengamakhansela eDA abesulile bangabavikeli benkohlakalo,” kusho uMalatsi.
Uthe liphume nobovu ngokuhamba kwalaba abahlanu.
Okwenzeka kulo mkhandlu kulandela ukuthi iDA ikushaye indiva okutholwe yiSteenhuisen Committee okumayelana nobeyimeya yakuleli dolobha uNkk Patricia de Lille, ukuthi kukhona okuphambene nomthetho akwenzile.
Lo mbiko ulandela okwashiwo yiNkantolo eNkulu yaseWestern Cape, eyathi akukho cala elingabekwa uNkk De Lille.
“NgoLwesibili lukaNovemba 13, 2018, iNkantolo eNkulu yaseWestern Cape yakhipha isinqumo sokuthi iDA yawushaya indiva umbiko kaSteenhuisen Committee owawuthi angizange ngitholakale nechashaza. Lokhu kwakusho ukuthi amaqhinga eDA abhedayo awazange aphumelele kimina kulo nyaka,” kuchaza uDe Lille.
Noma kunjalo uSotswebhu oMkhulu wale nhlangano uMnuz John Steenhuisen ukuphikisile okushiwo uNkk De Lille ngoLwesine.
Uthe kwavunyelwana ngokuthi lolu daba lungabe lusaya enkantolo, kodwa akukho okwashiwo ngombiko owatholakala.
“Okushiwo uNkk De Lille kuwukuhlakanezela iqiniso,” kusho uSteenhuisen.