UNGQONGQOSHE woMnyango wezekuQasha nabaSebenzi kuleli, uMnuz Thulas Nxesi, usephakamise ukuthi abaqashi babasebenzi basezindlini nabasemapulazini, bafakele abasebenzi babo izicelo zokuhlomula esikhwameni semali ye-Unemployment Insurance Fund (UIF) esihlinzekwe wuhulumeni kulesi sikhathi seCovid-19.
Ngokwesitatimende esikhishwe yilo mnyango, uzama ngazo zonke izindlela ukufinyelela kubasebenzi basezindlini nakulabo abasemapulazini ukuze nabo bahlomule kulesi sikhwama.
Ngokwalo mnyango, lesi sikhwama sesikhokhele abantu abehlukene abangakwazi ukuthola imali ngenxa yeCovid-19 izigidi zemali.
“Umphakathi ubheka indlela okuphathwa ngayo abahlwempu. Yingakho uhulumeni ebambisene nalo mnyango benza konke okusemandleni ukuvikela abangakwazi ukuzisiza kulesi sikhathi saleli gciwane,” kuchaza isitatimende.
Lo mnyango uthe selokhu kuqale ukuvalwa kwezwe, usukwazile ukukhokhela abasebenzi ngokusebenzisa izicelo abafakelwe zona abaqashi imali ye-UIF ecishe ifike ku R11-billion.
“Sethemba ukuthi abaqashi ikakhulukazi kule mikhakha esibaliwe bazokwenza esikushoyo. Sisebenzisana nenkampani ezimele esisizayo ukuthola laba basebenzi kumaselula abo ukuze bazi ukuthi kunomhlomulo okumele bawuthole ngokufakelwa izicelo abaqashi babo, okanye kube yibona abaxhumana namahhovisi e-UIF,” kugcizelela uNxesi.
Le nkampani ezimele i-Interfile, isizijube ngokuthi ngeke ikhokhise ngama-SMS uma kwenziwa lolu hlelo kwi-UIF lokuthi abasebenzi abakule mikhakha esibaliwe bahlomule.
Ngokomnyango, amarekhodi awo akhombisa ukuthi kunabasebenzi basezindlini abangu-91 406 abakwi database yabo, kodwa kuno-2 968 (3%) kuphela wabasebenzi okutholakala izinombolo zabo zamaselula, abangu- 25 518 (28%), kukhona emagameni abo ama email kuphela.
UNxesi unxuse abaqashi balisebenzise leli thuba ngoba le mali ayitholwa abantu abangaholi kuphela, kodwa nalabo abanqanyulelwe imiholo yabo, bayakwazi ukuhlomula kuyona.
UNksz Maggie Mthombeni oyimenenja yenyunyana yabasebenzi basezindlini i- Izwi Domestic Workers Alliance, uthe sebawuthola umbiko wokuthi kuzomele bahlomule nge-UIF, kodwa inselelo ababhekene nayo, abaqashi abangafuni ukubafakela izicelo njengabasebenzi.
“Abaqashi abaningi basebenzisa ukuthi baqashe abantu abaningi bokufika abangabarejistile ngokusemthethweni. Kulabo abarejistiwe, bayenqaba ukubafakela izicelo,” kusho uNksz Mthombeni.
Uthe abanye abaqashi abambalwa abazifakile izicelo, babatshele ukuthi bazobanikeza imali eqhamuka kubona, bese bona abaqashi bathathe eyabo kwabazoyithola kwi-UIF.
Okhulumela lo mnyango uMnuz Teboho Thejane, uthe bonke abasebenzi abangaqashiwe ngokugcwele nabaqashwe ngokugcwele, banelungelo lokuhlomula ngale mali.
“Uma sike sathola ukuthi umsebenzi akarejistiwe, siyamkhokhela bese siqondana nomqashi. Okokuqala simhlawulisa ngokusebenzisa umsebebenzi ngaphandle kokumrejista, siphinde simkhokhise imali yonke yesikhathi umsebenzi asesisebenzile nenzalo,” kusho uThejane.
Mayelana neminye imininingwane abantu bangasizakala kule website: www.uifecc.labour.gov.za/covid19, noma bashayela kule nombolo yamahala ye-UIF: 0800 030 007.