ABANTU abasha abaphile kahle bazoba ngabokugcina ukugonyelwa iCovid-19 uma kuba nomgomo ophasiswayo.
Usosayensi weWorld Health Organisation (WHO), uDkt Soumya Swaminathan, uthe uma kungenzeka kube khona umgomo weCovid-19 ophasiswayo ngonyaka ozayo, abantu abasha abaphile kahle bayoze bawuthole ngo-2022 ngenxa yokuthi uzobe umncane.
Uthe izikhungo zempilo zikahulumeni zizobheka kakhulu ekugonyweni kwabantu abadala nalabo abanezifo eziyimbelesela ezibenza bathambekele ekutholeni igciwane kuqala.
“Indlela ezolandelwa yokugonywa kwabantu isazophuma kodwa abantu abasha abaphile kahle kungenzeka baze bagonywe ngo-2022, uma kubhekwa ukuthi kuzoqalwa ngabantu ababuthaka nalabo abasengcupheni. Abantu abasha abaphile kahle bona abekho engcupheni,” kusho yena.
Abasebenzi bezempilo uthe ngabanye abantu abazogonywa kuqala ukuze bavikeleke.
“Abantu bacabanga ukuthi ngonyaka ozayo bazogonywa bese isimo sibuyela kwesijwayelekile kanti akuzoba njalo. Uma usuphasisiwe umgomo miningi imithetho okuzomele ilandelwe yokugoma abantu ngeke zithi zisuka nje kube kugonywa bonke abantu ngoba isitokwe esizobe sikhona sizobe singenele ukwenza lokho. Ngakho kuzodingeka ukuthi kuqalwe ngalabo abasengozini kakhulu bese kuqhutshekelwa esigabeni esilandelayo.”
UDkt Swaminathan uthe iWHO isawubhala umqulu ozobe uchaza kahle ukuthi ngobani abazogonywa kuqala. Okwamanje ongoti bezempilo basabonisana.
Awukho umgomo weCovid-19 osuphasisiwe yiWHO, imigomo ehlolwayo eminingi isisesigabeni sokuhlolwa kubantu. I-Russia yawuphasisa owayo umgomo ngaphambi kokuthi kuphothulwe isigaba sokuhlolwa kwawo kubantu ngo-Agasti.