S’MANGELE ZUMA
ABASAMDINGI endaweni owesifazane (52) waseZimangweni, eNanda osolwa ngokuphoqa amantombazanyana amabili ayizelamani ukuthi amkhothe isitho sakhe sangasese maqede awakhohlise ngemali encane ukuze engamcebi ekhaya.
Lo wesifazane okuthiwa ungunina womculi thizeni wezokholo, uvele eNkantolo yaseNtuzuma ngoLwesihlanu lapho ekhishwe khona ngebheyili ka-R1 000. Uboshwe ngoLwesithathu ngemuva kokuthi intombazane encane (6) kulezi zelamani itshele unina ukuthi umsolwa uyiphe ishumi lokuthenga izimvuthu zamakhekhe ngesikhathi iqeda ukumkhotha esithweni sangasese.
Udadewabo omdala oneminyaka ewu-11 naye ube esebhoboka esho ukuthi umsolwa uke wamenzisa lokhu kwaze kwaba kabili ngonyaka odlule.
Ngemuva kokubhokelwa wumphakathi obufuna ukumudla luhlaza kuthiwa lo wesifazane ube esecela uxolo wathi uhlushwa wukuthi umyeni wakhe akamanelisi embhedeni.
Unina walamantombazane (27), uthe konakale ngokuthi bathume lo omncane ukuthi ayocela iwuli yokuluka kumsolwa.
“Ubuye ngokushesha wathi ugogo uthe akabize udadewabo omdala ufuna ukumthuma. Ngimtshelile ukuthi akayosho ukuthi akekho. Ubuye ngesikade esedla izimvuthu zamakhekhe ngambuza ukuthi uyithathephi imali yokuzithenga. Uvele wangibuza ukuthi ngizomshaya yini uma engitshela ukuthi imali uyithathephi. Ngiqale ukuxwaya uma elokhu engafuni ukungitshela ngabona ukuthi kukhona akufihlayo. Ugcine esesho ukuthi ugogo uqale wamhlikihla esithweni sakhe sangasese maqede walala phansi embhedeni wavula imilenze wathi akamfake umunwe ngaphansi ebese eyamkhotha,” kusho unina wamantombazane.
Uthe uvalo luvele lwamuthi heqe ngoba umsolwa ngumuntu obejwayele ukuthuma indodakazi yakhe endala.
“Ngibize lo omdala ngambuza ukuthi yena akakaze amenze lutho yini. Uqale waphika waze wavuma sengimtshela okwenzeke kudadewabo. Uthe naye wamenzisa okufanayo wamphuzisa i-drink wabe esemnika u-R2. Sithe simbuza lo gogo wathi uyaxolisa ubengenelwe uSathane. Uthe inkinga wukuthi umyeni wakhe akamanelisi embhedeni, yingakho enza lokhu.”
Umkhulu (49) walezi zelamani, uthe: “Asisamdingi kule ndawo lo mama. Sidumele kakhulu ngoba bekungumuntu ebesimthembe kakhulu. Ubaziwa njengogogo wezingane, sazi ukuthi uyazithanda. Asazi ukuthi zingaki ezinye izingane abezenza lokhu. Wenza lokhu umyeni wakhe usaye ngasekhaya emngcwabeni. Bese simthatha njengelungu lomndeni, unina walezi zingane wayephathwa nguye. Okusidina tu wukuthi uke wagula phambi kwethu eqhutshwa ngebhala kodwa unesibindi sokukhothisa izingane zethu isitho sakhe sangasese ebe azi ukuthi udla imishanguzo,” kusho umkhulu.
Amalungu omphakathi abeqoqene kulo muzi ngesikhathi Isolezwe lihambele lo mndeni athe ngoMgqibelo atshele isihlobo somsolwa esisele endlini yakhe ukuthi abasamdingi endaweni.
“Kumele alandele umyalelo wenkantolo angawubeki umcondo wakhe la. Uma kungenjalo nabo bazothwala imithwalo yabo bahambe. Uphoxa ingane yakhe esizenzele igama emculweni wokholo. Sibonga ukuthi le ngane encane ikwazile ukutshela unina yize abekade eyisabise ngokuthi unina uzoyishaya ayibulale uma ingasho,” kusho umakhelwane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Zwane, uthe amaphoyisa aseNanda aphenya icala lokudlwengula ngemuva kwezinsolo zokuthi owesifazane ona-52 etshele intombazane ena-6 ukuthi imkhothe isitho sakhe sangasese. Umsolwa kulindeleke abuyele enkantolo ngoJulayi 20.