NJENGOBA umonakalo odaleke emva kokutatshwa nokucekelwa phansi kwempahla ubalelwa ngaphezu kukaR10 billion, inhlangano iSouth African Special Risks Insurance Association (Sasria), ithi isikhokhe ngaphezu kukaR100 million wezicelo ezisafakwe abafuna ukunxeshezelwa.
Le nhlangano ithe eminyakeni engu-41 yasungulwa emuva kwezibhelu zango-1976, izobe iqala ukuthi ikhokhe imali enkulu kangaka ngezinxephezelo.
UNksz Fareedah Benjamin, i-Executive Manager for Insurance Operations kule nhlangano, uthe zisalokhu zingenile izicelo zokukhokhelwa kwezinkampani ezicekelwe phansi ngokulahlekelwa yimpahla kanjalo nokushiswa kwezakhiwo.
Uthe abantu abacekeleke phansi kakhulu osomabhizinisi njengoba kushiswe inxanxathela yezitolo, amafemu, izindawo okugcinwa kuzona impahla, amaloli, izimoto kanjalo nezinye izakhiwo.
“Abamabhizinisi abakhululeke ngoba sinayo imali yokubakhokhela. Abangasabi ukuthi ngeke bayithole imali emva kokushiselwa nokuntshontshelwa impahla.”
Uthe izinkampani zemishwalense yizona ezizofaka izicelo kubona njengoba abamabhizinisi besuke bethathe umshwalense nazo.
“Yisikhathi esinzima lesi izwe elibhekene naso. Kodwa imali sinayo ilokho nje esingakusho.”
Njengoba kwezinye izindawo kulokhu kuqhubekile ukwebiwa nokushiswa kwempahla, umonakalo uzokwaziwa uma sekudambe isimo.
Lokhu kuzokwenza ukuthi amanye amabhizinisi agcine evale unomphela njengoba ezinkundleni zokuxhumana abanye bebethi ngeke besakwazi ukuvula emva kwalezi zibhelu.
Njengoba kuya ngokuthi ibhizinisi likhokha malini womshwalense, iSasria ingakhokha kusukela kuR500 million kuya kuR1.5 billion.