MHLELI: Ake ngithathe leli thuba ngizwakalise umbono wami malunga nokumiswa kwengqungquthela ye-ANC. Isifundazwe sakwaZulu Natal siyisifundazwe ongafunga uthi sabulawa yiqili maqe lazifela zonke izinto ezingakhi ziqala la. Lokhu okwenzekile kucacisa ngokusobala ukuthi i-ANC izibulala yona ngoba kusho ukuthi njalo uma kukhona ukungaboni ngasolinye kuyiwa ezinkantolo.
Uma i-ANC ihluleka ngo-2019 ingakhali ngamuntu, izisole yona. Futhi kungase kuqhubeke ukubulawa kosopolitiki emuva kwalesi sivimbelo senkantolo ngoba uzokhumbula ukuthi izifunda noma amagatsha abengeyona inxenye yengqungquthela okubalwa kuzo iHarry Gwala, Moses Mabhida nangala ko South Coast yilapho kwabulawa abantu okusolakala ukuthi babengahambisani nokuba khona kwengqungquthela.
Kwaba yiphutha elikhulu elenziwa amalungu e-ANC ukuyisa umbutho enkantolo ekubeni i-ANC inabo ubuholi obuphezulu. Kusho ukuthi i-ANC iphethwe yizinkantolo. Iqembu lisuke selizifake enkingeni uma lithembele kakhulu ezinkantolo, ngisho noma bethi bajezisa ilungu lombutho livele liye enkantolo, isibonelo iDA ixakwe yilungu layo uPatricia de Lille.
Umbuzo uthi iANC izophuma kanjani kulolu taku abazifake bona kulona ngoba phela yona ayisenawo amandla.
Abaholi beANC abayikhiphe ezinkantolo abahluliwe bakwamukele lokho ngoba izofa iphele nya.
Njabulo Gebashe
eMzimkulu