KUGXEKWA ubuholi bukazwelonke be-ANC ngokuhluleka ukunika umkhombandlela ubuholi besikhashana benhlangano KwaZulu-Natal njengoba kubukeka kunhlanhlaka, ngemuva kokuhlehliswa kwengqungquthela obekumele ikhethe ubuholi ngelizayo. Umhlaziyi wezepolitiki uMnuz Xolani Dube, usole ubuholi bukazwelonke be-ANC ngezinkinga ezikhungethe ubuholi bayo esifundazweni.
“Iphutha lokuqala elenziwe ubuholi bukazwelonke yindlela elakhe ngayo isigungu esihola isifundazwe iPIC. Awukwazi ukubumba inhlangano ngokuhlanganisa isigungu esinabantu abangazwani ababanga izikhundla,” kusho uDube.
Uthe ubuholi bukazwelonke bekumele bakhe isigungu sesikhashana esibizwa ngeProvincial Task Team (PTT) esingafaki abantu abagaqele ukuthatha isifundazwe.
“I-PIC ibingenawo amandla. Umsebenzi wayo bekuwukubumba isifundazwe, ivuselele amagatsha bese ihlalisa ingqungquthela. Ihlulekile ukwenza umsebenzi ebiyakhelwe wona ngoba kumanje i-ANC ihlukene phakathi kakhulu,” kusho uDube.
UDube uthe i-ANC isenkingeni eKZN njengoba kubhekwe okhethweni lukazwelonke ngonyaka ozayo.
“Ubukeka uzodonsa kanzima umkhankaso we-ANC, eKZN njengoba ubuholi obuzokwazi ukudonsa abantu bungekho,” kusho uDube.
Omunye umhlaziyi uMnuz Thabani Khumalo, uthe kwakumele kulethwe ithimba elizoholwa ngumuntu osuka kuzwelonke, ukuze kube nobumbano.
Uthe ubungaziwa futhi ungacaci umsebenzi wethimba lesifundazwe ngoba belungekho nohlelo olucacile lokusebenza.
“Awukwazi ukuthi ungafaka abantu ababangayo ukuthi bahole. I-ANC kuzwelonke yiyona okumele igxekwe ngalezi zinkinga ngoba ihlulekile ukubhekana nendaba yokulungisa isifundazwe. Isifundazwe sihlukene kakhulu.”
Uthe kodwa ukholwa wukuthi i-ANC izokwenza kahle okhethweni ngoba kukhona ezobathatha kwi-NFP nakwamanye amaqembu.
Imizamo yokuthola okhulumela i-ANC kuzwelonke uMnuz Pule Mabe ayiphumelelanga nomyalezo athunyelelwe wona akazange awuphendule kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela. Kanjalo nemizamo yokuthola ilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC uNksz Edna Molewa elijutshwe ukuthi libheke iKwaZulu-Natal nayo iphunzile.
Kuthintwa, ibamba lemenenja yezokuxhumana kwi-ANC uMnuz Donovan Cloete, lithe akuthintwe uMabe uzophendula kodwa wagcina engaphendulanga.