KUME ukufunda esikoleni uMthala Higher Primary, KwaNdengezi, entshonalanga yeTheku, ngenkathi izingane zakulesi sikole zijuqwa yizisu, ziphuthunyiswa esibhedlela kulandela ukuthi zidle ushokoledi odayiswa ngomunye womama abadayisa kulesi sikole.
Abazali bezingane basola lo mama ngokudayisela izingane zabo ushokoledi owonakele.
Kubikwa ukuthi lesi sehlakalo senzeke ngoLwesine ekuseni ngesikhathi sekhefu kulesi sikole.
Izolo bekungafundwa kulesi sikole ngenxa yokuthi abazali abebevutha yintukuthelo, befune ukwazi ukuthi isikole sizothatha siphi isinyathelo ngalesi senzo.
Babalelwa ku-30 abafundi okubikwa ukuthi baqashelwe amaToyota Quantum amabili abaphuthumise esibhedlela iRK Khan eChatsworth.
Abazali bezingane okuthiwa zidle lo shokoledi, bakhulume into eyodwa - ukuthi izingane zabo zikhale ngobuhlungu bezisu, zavuvukala izingalo kwansonsotha nomzimba wonke emveni kokuthi zidle lo shokoledi.
“Umama u... (bemgagula) usidayisele ushokoledi onobulongwe obumnyama obunamatshe futhi,” kusho omunye wabafundi odle lo shokoledi.
Ngokwabafundi, umama lona ubedayisela lo shokoledi abafundi abasukela kuGrade 4 kuya kuGrade 7.
“Ubeqale akubuze kuqala ukuthi ufunda uGrade bani ngaphambi kokuthi akudayisele lo shokoledi,” kusho abafundi.
Bathe ubebadayisela lo shokoledi ewucaphuna esikhwameni abesiphethe, bese ewufaka koplastiki abacwebezelayo abadayisele wona.
Abazali bezingane bathe akwanele ukumiswa kwalo mama ekutheni adayise kulesi sikole, kunalokho bafuna abakhombise lapho ewuthenga khona lo shokoledi ukuze bayovala leyo ndawo.
“Usengaya noma kusiphi isikole endaweni afike adayisele abanye abantwana baphinde bagule futhi,” kuzikhalela abazali.
Abanye bathe izingane zabo ezikalulami ngokwanele, babuze ukuthi bazoyithathaphi imali yokuzibuyisela esibhedlela ukuze zithole ukwelashwa okufanele.
Isigungu esilawula isikole senqabile ukuphawula, sathi sisazoqale sihlangane kuqala ukuze bavumelane ngesinyanthelo abazosithatha.
UMnuz Kwazi Mthethwa okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe akukuhle ukubeka impilo yabafundi esimeni esibucayi.
“Ngendlela engizwa ngayo lokhu kuzwakala njengokudayisa ukudla okunoshevu. Lokhu kufana necala lokuzama ukubulala,” kusho yena.
Uthe bazokwenza uphenyo njengoba sekuzwakele ukuthi kunesimo esifana nalesi esenzeke kulesi sikole.