NGESIKHATHI abantu beqala ukugqoka izifonyo bekungathi kuzoba yinto nje yesikhashana, izodlula. Sekucacele noma ngubani ukuthi zisazoba yingxenye yempilo yabantu. Lokhu sekuze kwaholela ekutheni kube nezinhlobo ezihlukene zezifonyo nezilokhu zishintshwa izitayela, kuhle kwemisiko.
Muva nje, kungenise uhlobo lwezifonyo ze-3D ezizishaya sabuso bomuntu. Yize izifonyo zizinhle kodwa uthi uma uhlangana nomuntu uhlahle amehlo, kuhle komuntu ogibele isitimela okungesona. Ongoti bezemfashini bathi imfashini injalo iyashintsha isebenzise izindlela ezahlukene. Noma ngabe yinto obuke uyibone phambilini kodwa uma seyibuya ngesitayela esisha, iyamangaza.
Ungoti wezemfashini eThekwini nohlonishwa kakhulu emkhakheni wezemfashini, uMnuz Derrick Mhlongo, uthi imfashini ingabukeka njengento yokuswenka nokuzithanda kubantu kodwa idlala indima enkulu ekulapheni ngokomphefumulo. Kulesi sikhathi sengcindezi nokhwantalala kubantu, ukugqoka izinto ezibachazayo kungenye yezindlela yokwelapha nokulwa nengcindezi.
"Izifonyo ziyingxenye yezimpahla zokuswenka futhi uma uzogqoka uqala ucabange kaningi ngohlobo lomsiko ozowufaka ngoba nakanjani kumele uhambisane nesifonyo sakho. Lezi zifonyo ziyingxenye yokuzijabulisa kubantu ngalesi sikhathi esinzima eNingizimu Afrika. Noma awunaso lesi sifonyo kodwa amehlo akho azojika nomuntu osigqokile. Uma singakuchazi kodwa sizokwenza uhleke sikushiye naleyo mbuzo ehlekisayo nokuyinto edingekayo ngalesi sikhathi," kusho uMhlongo.
Eqhuba uthe yize izifonyo zingagqokwa noma nini nasemcimbini ehlukene kodwa umuntu angaba nezinye eceleni ezizohambisana neminye imcimbi. UMhlongo eveza ukuthi kuyenzeka lolu hlobo lwezifonyo luphambane nehlombe.
" Emihlanganweni yamabhizinisi, ehhovisi, emingcwabeni noma enkonzweni kungaba wumqondo omuhle ukuthi ungasifaki lesi sifonyo. Yize sise sitayeleni kodwa sithatha amehlo abantu kungalokhu kuphazamisa okusuke kwenziwa ngaleso sikhathi. Ephathini nakwezinye izindawo zokungcebeleka ungasifaka isifonyo ngoba kusuke kuhambisana nomuzwa wokujabula kuleyo ndawo ngaleso sikhathi," kusho uMhlongo.
Ezinkundleni zokuxhumana sekusabalele nama-video abantu bengena ezitolo benxuswa ukuthi bayofaka izifonyo. Lo mkhuba usabalele kakhulu phesheya kwezilwandle lapho osaziwayo abathanda ukuqopha amavideo eYouTube, bebonakala bethatha avideo, bedidisa abanikazi bezitolo. Okwenza ezakhona izifonyo zethuse kakhulu ukuthi zenziwe ngendlela efana nse nebala lesikhumba somuntu. Abantu besifazane yibona abadidisa kakhulu ngoba bevele bezifake iziphaqulo, nokwenza kubenzima uma esefake isifonyo sowesifazane oziphaqulile.