UNIKELE ezinkundleni zokuxhumana ezwakalisa injabulo yakhe umlingisi wakuleli ngebhizinisi lakhe elisha.
UZola Nombona, yintokazi eyaziwa kuleli ngethalente layo lokulingisa emidlalweni eyahlukene, okubalwa kuyo iGenerations the Legacy, neZibondiwe.
Izolo, uvezele iNingizimu Afrika olunye uhlangothi lwempilo yakhe ethula ibhizinisi alibiza ngeLXVE.
Ebhala enkundleni i-Instagram, uZola uzwakalise injabulo ngebhizinisi lemisiko yabesimame yangaphansi alisungulile.
“Ngifikelwa yizinyembezi uma ngibuka lesi sithombe esisho lukhulu kimina. Siwumfanekiso wokufezeka kwamaphupho, umsebenzi owenziwe, ngiwa ngivuka kodwa ngiphokophele phambili ngokuzimisela. Lolu uthando. Namhlanje ngithokozile. Ekugcineni nginethulela leli phupho lami engilisebenzele kanzima,” kubhala yena.
Le ntokazi iqhubeke yathi okuhle ngomkhiqizo wayo wukuthi ufanele lonke uhlobo lomzimba nosayizi, uyikhwalithi, uhlala kahle futhi untofontofo.