ISILILO kudlula emhlabeni umsiki wengqephu odumile emva kokugula.
ULebogang Quiteria Kekana (38) ushone ekubo eMelville ngeSonto.
Umndeni wakhe uveze ukuthi ubebhuqwa yisifo somdlavuza esigcine simthatha ngempelasonto.
UQuiteria ubengomunye wabasiki bengqephu bakuleli abadume umhlaba wonke, ehlonishwa naphesheya kwezilwandle. Leli phephandaba like lakhangisa ngemisiko yakhe ekhasini lezemfashini ngesikhathi esasebenza ngokubambisana noGeorge, baziwa ngokuthi yiQuiteria & George, ilebuli yabo.
Laba bobabili bebedume nangokugqokisa osaziwayo abahlukene kuleli naphesheya kwezilwandle, okubalwa nesihlabani somculi waphesheya kwezilwane uBeyonce.
Abantu abaningi bathintekile ngokudlula kwakhe emhlabeni okubalwa nosaziwayo. Omunye wabantu asebenze nabo nguYaya Mavundla oveze ukuthi Quiteria uyohlala esenhliziyweni yakhe. "
“Uhambe kahle. Ngohlala ngikuthanda. Ngifisa sengathi ngabe uNkulunkulu ukunikeze isikhathi eside. Ngiyakholwa wukuthi siyobonana kwelizayo. Ngohlala nginemicabango emihle yodwa. Ngiyabonga ngakho konke," kusho uYaya.
UQuiteria ushiye emhlabeni indodana yakhe, abazali, nalamana nabo nomdlwane abewuthanda. Umndeni wakhe ucele ukunikezwa isikhathi sokubhekana nesimo esibehlele. Ubonge nangokwesekwa ngalesi sikhathi esinzima, wanxusa nemikhuleko.