USEZAME iziqubu ezintathu ukuzibulala futhi sekuyiminyaka eshukwa yisifo esiphazamisa ukusebenza komqondo iMajor Depression Disorder. Yize kunjalo uPearl Garavaglia, owaziwa kakhulu endimeni yezokuzivocavoca, usenqume ukuthi asize abanye besifazane ababhekene nale nkinga.
Le ntokazi eneziqu zeScience in Mathematical Sciences eyazithola e-Nyuvesi Johannesburg, ibinyamalele nasezinkundleni zokuxhumana ngenxa yale nkinga.
Utshele leli phephanda ukuthi yize eyintandokazi ebukeka ijabule ezinkundleni zokuxhumana futhi echaza abaningi kodwa inkulu indaba abhekene nayo ngaphakathi nemenza abe nengcindezi ngokomqondo kanjalo nokhwantalala.
UPearl uthi ukungalapheki esemncane nokukhula egqilazwa ehlukunyezwa kube nomthelela ongemuhle ngisho esekhulile enekusasa eliqhakazile.
"Ngikhule ngingakwazi ukujabula njengezinye izingane, ngihlukunyezwa yizihlobo kusukela ngineminyaka eyisikhombisa. Ngangihlala nginomzwangedwa nasesikoleni ngihlukunyezwa abafundi, kungelula ukuba nabangani ngagcina sengeqa esikoleni. Akudluli konke lokhu, ngikuthola kunzima noma sengimdala ukuxoxa nabantu, ukuba nobudlelwano bezothando. Ngacekelwa phansi nawumuntu ebengimthemba ngimvulela isifuba," kuchaza uPearl.
Ukuzithola ebuyela emuva ngemicabango uthe yikhona okumenze waba nengcindezi ngokomqondo ebizwa ngeMajor Depressive Depression (MDD).
"Ngaqala ngino-13 ukuzama ukuzibulala ngifuna ukuba nokuthula ngiqede nobuhlungu engibhekene nabo. Ngihlala ngicabanga ngokuziphonsa kwibhilidi elide, ukuphuza uphoyizeni nokunye okuningi. Okokugcina ngigcine sengisizwa obeyisoka lami ngoba ubeqonda kangcono ukuba nengcindezi ngoba ubewumlungu kodwa ngalahlekelwa abangani nabantu ebengisondelene nabo ngibathemba nokwenza ngibone ukuzibulala kube yikho okungcono," kusho uPearl.
Eqhuba uPearl uthe ukulahlekelwa yithemba nokuzibona engento yalutho yikhona okwenza le micabango ibuye kodwa ukuthola ongoti abamluleka ngokwezengqondo nabalapha izifo zengqondo sekuyishintshe kakhulu impilo yakhe.
"Ngiyalubona kakhulu ushintsho empilweni yami futhi ukukhuluma ngakho yikhona okungisizile. Ngifisa umuntu onenkinga njengami azi ukuthi ukuvuleleka ukhulume ngakho kungakusiza, nami bekungelula kodwa kungisizile. Izifo zengqondo azifani nezenyama kodwa udinga ukuthi ukhulume ubhodle konke ukuze welapheke. UNkulunkulu uma esakugcinile kuningi okuhle osazokuzuza ukwehluleka kokuthile akusho ukuthi ngeke usaphumelela," kusho uPearl.
Ephetha uthe uyafisa abantu nezinkundla zokuxhumana bazisebenzise njengenkundla yokucobelelana ngolwazi nokuvuleleka ngezinkinga ababhekana nazo ,ukuze nabanye bezobona kuyenzeka. Ukwahlulelana ngenye yezinto abone sengathi yenza abantu bangavuleleki kahle.