ABAZALI babhekene nomsebenzi omkhulu wokulungiselela izingane zabo ngokomqondo njengoba sezibuyele esikoleni.
Lokhu kushiwo uNksz Nqobile Kweyama oyi-Educational Psychologist, oluleka abazali ngokumele bakulindelele njengoba izikole zivulwe phansi kwezimo ezingajwayelekile.
Uthe abazali kumele bangazifihleli izingane, bazitshele amaqiniso ukuthi isikole asisafani nakuqala.
Ukugqoka izifonyo yinto ebingenziwa esikoleni, uNksz Kweyama uthe izingane kumele ziqeqeshwe emakhaya.
“Abazali kumele baphendule yonke imibuzo izingane ezinayo ngesimo esibhekene naso. Bajwayele ukuzifihlela kodwa sekumele zitshelwe amaqiniso.
“Okuqaphelekayo wukuthi abazali yibona abasaba kakhulu ukwedlula izingane ngalolu bhubhane. Njengoba kuvulwe izikole namanye amabanga esazolandela, besaba ukuthi izingane zabo aziphephile,” kuchaza uNksz Kweyama.
Ugcizelele ukuthi lesi yisikhathi sokuthi abazali babambisane nothisha ngokwedlulele.
Uthe kumele izingane zifundiswe ngendlela efanele yokugqoka izifonyo, zijwayele nokugeza izandla ekhaya. Uveze ukuthi lokhu kuzokwenza ukuthi kube lula nasesikoleni.
“Izingane azifuni ukungakhululeki, abazali kumele baqinisekise ukuthi bazitholela izifonyo ezingeke zizixake ukuze zingazikhumuli,” kusho yena.
Mayelana nomsebenzi omningi wesikole ozobhekana nabafundi njengoba bebehleli emakhaya izinyanga ezimbili, uNksz Kweyama uthe nalapho kudingeka izingane zesekwe ngokomqondo.
Ukhuthaze abazali ukuthi baxhumane nabeluleki bezengqondo uma bebona ukuthi isimo singaphezu kwamandla. Nokho uthe ucwaningo luveza ukuthi izingane ziyakwazi ukusheshe zibambe futhi ziyakwazi nokumelana nanoma yisiphi isimo. Uthe zidinga ukwesekwa ngayo yonke indlela.
Abafundi baka-matric nabakwaGrade 7 bavule okokuqala ngoMsombuluko kuleli, emuva kokuhlala emakhaya kusukela ngoMashi ngemuva kukuqubuka kweCovid- 19. Abanye abazali babe manqika ngokubuyisela izingane ezikoleni besabela ukuphepha kwazo.