KUBUKEKA kungenisile ukuzila ukudla kubantu bakuleli, abasuke bezama ukwehlisa isisindo. Le ndlela yokwehlisa isisindo ebizwa nge-Intermittent fasting, isho ukungadli amahora athile bese udla ngamanye.
Ongoti bathi akuyona inkinga ukuzinciphisa nokukhetha uhlobo lokudla uma uzimisele ngokushintsha indlela ophila ngayo. UNkk Ella Mthethwa oyiDietician kwa-Ellagence Wellness uthi, i-intermittent fasting iphoqa ukuthi umuntu adle amahora athile bese, ezila ukudla amahora amaningi kanti lokhu kwenza umzimba ungazitholi ngendlela izakhamzimba.
" Ayikho into entsha ngalolu hlobo lokudla nokuzinciphisa kodwa ngokokusebenza komzimba womuntu, akufanele kube khona isidlo sosuku umuntu esimeqayo. Isidlo sasekuseni yisona esibaluleke kakhulu, uma uzoseqa bese uhlala amahora amaningi ungadlile uze udle sewulala kuyingozi," kusho uNkk Mthethwa.
Eqhuba uthe into ayikhuthazayo kubantu ukuthi baqale babonane nongoti kuqala, futhi umuntu aveze uhlelo azolulandela ngoba ziningi izindlela zokwenza i-intermittent fasting. Uveze nokuthi akubi wuhlelo lwamahora ayisishagalombili kuphela kodwa kukhona nabakwenza ngokudla lawo mahora bese umuntu ezila ukudla usuku lonke. UNkk Mthethwa uthe asikho isidingo sokuzifakela ingcindezi kubantu umuntu ajahe imiphumela ngokushesha ngoba ngesikhathi ulungisa indlela obukeka ngayo ngaphandle kuzokonakala ngaphakathi.
"Kuhle ukukhathazeka ngokubukeka kahle kodwa akumele kuphazamise ukusebenza komzimba. Zonke izinsuku ukudla okunazo zonke izinhlobo zama-vitamin, amaprotein, amafutha namacarbohydrate kuyadingeka noma ngabe uyazinciphisa. Asikukhuthazi ukuthi umuntu asebenzise uhlobo olulodwa lokudla okuzomthwala usuku lonke njengalaba abadla inyama bese bethembela ekutheni amaprotein namafutha atholakala kuwo yiwona azomgcina umuntu usuku lonke," kusho uNkk Mthethwa.
Ephetha uthe kuhle uma umuntu enza i-intermittent fasting azivocavoce, angaseqi isidlo sasekuseni noma ahlale izinsuku engadli futhi akufuneki ukujaha imiphumela. Ukuzivocavota nohlelo lokudla oluphasiswe ungoti ngokwesimo somunye umuntu ngeke simsebenzele omunye ngoba imizimba yabantu nezifo akufani ngokusho kwalo ngoti.
Ukugcizelele nokuthi yize le ndlela isematheni futhi abantu kubukeka beyithandile, kodwa kukhona abantu okungamele basondelane nayo.
– Uma ukhulelwe kungaba yingozi kuwena nengane ukuzincisha ukudla ngezikhathi ezithile kwazise umzimba udinga yonke imisoco ongayithola ukuze nengane encelayo ithole imisoco ngendlela efanele.
-Uma unesifo esithile ophila naso, izakhamzimba zibalulekile futhi uzidinga zonke ukulwa nezifo emzimbeni.
-Kubantu abanesisindo somzimba esincane, akubalungele ukuzila ukudla ngale ndlela ngoba vele isisindo sabo singaphansi kwesifanele.
-Uma usanda kuhlinzwa noma usanda kubeletha kusekhona nokwelashwa okuthola kodokotela, ikakhulu kulaba ababeletha ngomthungo, ungasondeli kule ndlela yokuzinciphisa.
-Izifo ezifana noshukela, inhliziyo nezinye eziyingozi azihambisani kahle nalokhu ngoba umzimba ukuze uhlale unempilo udinga ukuthi umuntu adle izinhlobo ezahlukene zokudla ezizomgcina enempilo.
--Izingane ezincane akufanele nakancane zingene kulolu hlelo ngoba kusuke kusenezingxenye zomzimba ezisadinga izakhamzimba usuku lonke ukuze izicubu zakheke kahle.