UKUFIKA ezingeni lobunsizwa noma lobuntombi izingane eziningi ezisuke zikulangazelele kakhulu, kwabanye kufika nezinkinga zezinduna ezenza ukuthi behlelwe wukuzethemba.
Ongoti bezempilo bathi nakuba amantombazane nabafana abakulesi sigaba bajwayele ukuba nengcindezi yokukhetha abangani, ukuthi kumele baziphathe kanjani, nengcindezi yokuzilungiselela ukubhala, okunye okubakhathazayo wukushintsha komzimba kwabanye okubenza babe nezinkinga zezikhumba.
UDkt Gagan Bhatia, ongumsunguli wesikhungo eselapha isikhumba i-Uniqaya, uthe isikhumba samantombazane nabafana abasesigabeni sokukhula kuyenzeka sikhiqize uwoyela omningi, kwabanye siyoma, sibe nezinduna, sibe nezisihla kwesinye isikhathi sikhiphe uketshezi olumnyama noma olumhlophe.
“Lokhu kudalwa wukushintsha kwamahomoni emizimbeni yabo ngalesi sikhathi. Kudingeka ukuthi imizimba yabo ithole ukunakekelwa okuthe xaxa uma kuqhathaniswa nangesikhathi besebencane," kusho uDkt Bhatia.
Uthe okubalulekile ukuqonda uhlobo lwesikhumba sakho ukuze ukwazi ukuthenga imikhiqizo ehambisana naso.
"Izikhumba zehlukene kaningi. Kukhona esomile, esinamafutha, esinhlanganisela okusho ukuthi siyoma sibuye sibe namafutha. Uma uthenga imikhiqizo kumele wazi ukuthi esakho isikhumba sinjani. Ungathengi imikhiqizo yesikhumba engahambisani nesikhumba sakho ngoba lokho kungasilimaza," kusho yena.
Uqhube wathi uma usuwuthengile umkhiqizo, kumele wazi ukuthi usetshenziswa kanjani. Ungasicindezeli kakhulu isikhumba ngesikhathi ugcoba noma ugeza ngalowo mkhiqizo owuthengile ngoba kungalimaza isikhumba sakho, sigcine sesilula noma some kakhulu.
Uthe kumele amantombazane nabafana abakulesi sigaba bavame ukugwema ukugeza ngensipho eyiqhuzu bazijwayeze ukugeza ngensipho yobuso elungele, engenawo amandla kakhulu.
"Kumele ukhethe umkhiqizo ozigcina isikhumba sinomsokama waso, uphinde uselaphe uma sinenkinga," kusho yena.
Uthe kubalulekile ukuthi bagcobe ukhilimu ovikela ukushiswa yilanga.
"Ukhilimu welanga uyawugcoba noma ungaphakathi endlini ngoba ukuvikela nasekushiseni okuthola ungaphakathi endlini," kusho uDkt Bhatia.
Okunye athe kubalulelile ukuthi uvule izimbobo zesikhumba ngokukhipha uwoyela okungenzeka ukuthi uvale lezi zimbobo, okwaziwa nge-exfoliation, okungenani kanye ngesonto.
Uthe miningi imikhiqizo ekhona ezitolo kodwa zikhona izinto ezihlale zikhona ekhaya ezingasetshenziswa ezenza umsebenzi oncomekayo futhi ezingenabo ubungozi.
Uthe izinduna yizona eziyinkinga kakhulu kubantu abasha, kubalulekile ukuthi babone udokotela wesikhumba ozohlola isikhumba ukuthi sidinga umkhiqizo onjani.
Uthe abanye abantu abasha bavame ukusebenzisa ophawuda abafihla amabala, wathi labo phawuda akumele benze iphutha lokuthi balale bewugcobile.
Amanye amasu athe angasiza:
– ukugwema ukuthinta ubuso njalo ngoba kungenzeka ukuthi izandla zinokungcola okungangena esikhunjeni.
– ukudla ukudla okunempilo, okubalwa izithelo nemifino
– ukuzijwayeza ukuzivocavoca
– ukuphuza amanzi.