SEKWABA into ejwayelekile ukuthi owesifazane kube khona izinto eziningi azisebenzisayo ukuvuselela ubuhle kwakhe, nokuyinto encomekayo kwazise yengeza ubuhle. Noma kunjalo, lezi zinto iningi lazo lihambisana nezinkinga esikhumbeni njengoba kungezona ezemvelo. Ukuziphaqula yize kuhamba phambili kodwa kunezinto zokufakelwa njengezinkophe iningi labesifazane elingasakwazi ukuphila ngaphandle kwazo.
Lezi zinkophe yize zizinhle futhi zenza owesifazane abukeke kahle esepheqa amehlo ngazo kodwa ongoti bathi zingadala umonakalo namagciwane emehlweni.
Ungoti wezokuzicwala nesikhumba, uNkk Futhi Mkhize weBuhle Beauty Academy uveze ukuthi kunesikhathi esikalelwe izinkophe zokufakelwa okumele zisihlale. UNkk Mkhize uthe uma kufika isikhathi sokuzihlanza nokuzikhipha, kumele nanjani kwenziwe lokhu.
"Nanoma ngabe yiziphi izingxenye zesikhumba zinendawo yokuphefumula, izinkophe zemvelo zifanelwe ukuhlala zihlanzekile nesikhumba senyama emehlweni siphefumula. Uma sewuzifake amasonto elandelana kusho ukuthi sezigcwele izintuli, umjuluko nokungcola okungabonakali. Kuyaqala kwakhele izilwane ezincane eziyingozi emehlweni," kusho uNkk Mkhize.
Eqhuba, uveze ukuthi uma umuntu efake lezi zinkophe, ezibizwa ngama individual, lashes nezithi azifane nezemvelo kumele emuva kwamasonto amabili ziyohlanzwa kabusha. Lezi eziyibhande uNkk Mkhize uthe zakhelwe ukuthi uzifake kanye kulowo mcimbi, ungangeni nazo embhedeni.
"Izindawo azifani ngenxa yokuthi abantu benza ibhizinisi. Kukhona abasebenzisa imikhiqizo engahloliwe, nokuyingozi. Iningi labantu baba nenkinga ngoba bafakwa izinkophe nge-glue yezinwele bese kuhlangana neziphaqulo kwakhele ukungcola okuphindiwe," kusho uNkk Mkhize.
Okumele ukuqaphelele
- Ungabekezeli uma uzwa sengathi izinkophe ziyaxhopha, ziyaluma ziyashisa noma zivuvukele. Phuthuma kudokotela.
- Uma ugeza musa ukubalekela ukuthi zithelwe amanzi ngoba kumele kukhucululeke ukungcola osekwakhele ezinkopheni zemvelo nezokufakelwa.
- Ungalokothi uzidonse uzame ukuzikhipha izinkophe uma ungasazithandi ngoba ulimaza isikhumba, nezakho zemvelo.
- Uma amehlo ekhombisa ukuba nenkinga ungasebenzisa amanzi bese uphuthuma kungoti wamehlo.
- Ungavumi uma bekufaka ngenomfi yezinwele, akufanele nakancane ithintane namehlo, kudala umonakalo emehlweni.