ISIZINI yePhasika eyokujabula, ukuhlangayela ndawonye nezipho. ICadbury eNingizimu Afrika ihlala inezindlela zokwenza lesi sikhathi usithakasele nangokwenza imidlalo efana nokufihla oswidi abamaqanda nokuyisiko lasendulo elihambisana nalesi sikhathi.
Kuleli Phasika kunezinhlobo ezahlukene nezinambithekayo zoswidi bakaCadbury abangathakaselwa umndeni wonke ekhaya. Kulo nyaka bashaya ngonyawo olwehlukile njengoba kuneCadbury Dairy Milk Hot Cross Bun slab entsha ethakwe ngecinnamon, amaraisin bese kwathiwa thasi ngayo. Akhona nama Cadbury mini eggs odumo nathandwa kakhulu, iCreme eggs isekhona kanjalo neCadbury Caramel eggs .
Ungadlala iCadbury Hide Them With Love Mzansi
Gubha lesi sikhathi sokupha ngokuthola indawo ekahle yokufihlela umngani wakho noma abathandiweyo bakho ngemiyalelo yeCadbury ngalaleli Phasika. Lokhu kungakubeka ethubeni lokutitiliza ngamavoucher e-Uber Eats, Takealot, Supaerbilist, Flight Centre travel voucher ne-airtime kanti konke lokhu kwenza inani lika-R20 000.
Isitephu sokuqala
-Khetha ikhosombane lakho kulawa amane iCape Town, Gauteng, Gqeberha neTheku. Umhlaba unobala lawo elikhethekile elenzelwe wena nalowo muntu obalulekile.
Isitephu sesibili
-Uma usuwukhethile umhlaba wakho, sekuyisikhathi sokufihla iqanda.
Isitephu sesithathu
-Thumela amasu ahlukene azoholela umngani noma amalungu omndeni lapho ufihle khona iqanda. Ungawabeka lamasu abhalwe ngendlela ekhethekile kuwe.
Ungasebenzisa ngisho ikhaya lakho ukufihla amaqanda akho, kanti ungawathola ezitolo ezehlukene okubalwa eCheckers Sixty60, Pick n Pay ASAP naseSPAR2U nezinye eziseduze. Ungalandela amakhasi eCadbury ehlukene ezinkundleni zokuxhumana Instagram, Twiitter noFacebook kanjalo newebsite
#CadburyMzansiHide