UKUVAKASHA uyongcebeleka ngenye yezinto eziphambili ezikwenza uzizwe ubalulekile futhi uphila impilo yomtakabani ngokulala emahhotela aphambili nokudla izibiliboco ezahlukene. Iqiniso lithi noma lokhu kuqala kahle kodwa kuyenzeka usuku luphethe umuntu esebangwa nezibi ngenxa yokudla akudlile, angabe esaluthakasela nohambo lwakhe. Ongoti bezempilo bathi yize usuke uyongcebeleka kodwa kubalulekile ukuzivikela ungaliwa izibiliboco ngenxa yokuthi ziphikisana nomzimba wakho.
Ungoti wezempilo kwezokuvakasha, uDkt Pete Vincent weNetcare Medicross Tokai, uveza ukuthi ukugoma ngaphambi kokuthatha uhambo kuyasiza kakhulu ukuvikela izinkinga zokwaliwa ukudla. Lokhu kugula uvakashile ngeke nje kwagcina ngokona uhambo lwakho kodwa kungaholela ekutheni ugcine sewubangwa nezibi nokudinga uhlale uvive nangemishanguzo ethile.
“Uma uzovakashela izingxenye eziseNingizimu egudle ulwandle isikhathi eside, i-typhoid vaccine iyona esiyincoma kakhulu. Uma ungezogoma okungenani qinisekisa ukuthi uyazazi kuhamba kanjani esibindini sakho. Empeleni mithathu imigomo okumele uyithole uma uzovakasha ngoba ukuthinteka nokuvuvukala kwesibindi kungakudale inkinga yesifo esaziwa ngeJaundice, okuyinkinga ethinta isibindi. Le nkinga ingakuhlasela uma udle ukudla okuthintwe ngezandla ezingcolile, kwasalela amagciwane,“ kusho uDkt Vincent.
Eqhuba uDkt Vincent uthe okungenani kumele uqinisekise ukuthi uhamba nemithi elekelela ukulwa nesicanucanu uzizwe unenhliziyo encane engathi ungabuyisa udlile noma ungadlile. Imvamisa lokhu kwenziwa nawukuhogela iphunga lokudla kuseluhlaza kungakaphekwa noma sekuvuthiwe. Ukuba namanzi amaningi nezinye izakhamzimba ezilekelela ukugcina umzimba unamanzi enele, ongoti bathi kuyasiza kakhulu uma wehlelwa yilo mshophi. Ukuthola ama-antibiotics abhekelele lokhu kudokotela noma emtholampilo ngenye yezinto ezingaba usizo bese uphatha nalokhu okubizwa nge-first aid kit.
Izimpawu zokwaliwa ukudla uDkt Vincent uveze ukuthi ngeke zafana kubantu njengoba omunye kungamala zisuka noma kulinde amahora ambalwa bese siqala siduma isisu, simlume noma simkhiphe. Komunye umuntu uthe kungathatha ngisho izinsuku ezine kuyima iqala inkathazo.
Izinhlobo zokudla ezingakubeka engcupheni:
-Izithelo nemifino okuhlala sekuqotshiwe iningi lakho lingakudalela inkinga yesisu, okungenani qinisa kulokhu okungahlutshwa ozokuqala wena njengobhanana, amawolintshi nokunye.
-Hambela kude nokuthenga ukudla okuqale kudlule ezandleni eziningi uma bekulungisela kona.
-Ungakulokothi ukudla okufica kade kwenziwe kufike kuwe sekubanda qa, kumele konke ukudla ukuthole kusashisa bese uzipholisela.
-Izinhlobo zokudla ezinenyama engaphekiwe nazo zingakudalela izinkinga esiswini nokumele ungakudli uma uyisivakashi futhi umzimba ungakujwayele.
-Ukudla okusheshayo okutholakala emigwaqweni njengophaya, ama-burger nokunye zama ungakudli ngoba izinga lakho lokuhlanzeka kusuke kungaqinisekisiwe.
-Izinhlobo zenyama yasemanzini okubalwa ama-prawns, inhlanzi nezinye nazo zihambisana nezinga eliphezulu lobungozi uma uzokuthenga noma kuphi.