MaGumede ngishadile ngo2013, mina nesoka lami sithole ukuthi sinegciwane lengculazi kodwa besingakakulungeli ukudla imishanguzo. Emva kwezinyanga eziyisithupha bekumele sibuyele emtholampilo kodwa isoka lami lanqaba ngabuyela ngedwa. Manje ngiwadla ngedwa amaphilisi, lona alifuni ukuya emtholampilo, alifuni nokusebenzisa ijazi lomkhwenyana. Ngididekile ngicela usizo sisi.
Impendulo
Sawubona dadewethu, ngiyayizwa indaba yakho futhi ithanda ukuba bucayi impela ngoba kucaca ngokusobala ukuthi umyeni wakho akayikhathalele impilo yakhe ngokunjalo futhi akanendaba nokuthi uma edlula emhlabeni wena nezingane nizosala nibe yini. Yize ngingazi ukuthi usuhambe wafika kuphi nodaba lakho, kodwa ngicela uhambe uye emtholampilo ucele ukukhuluma nomeluleki umchazele lonke udaba lwakho. Uma kunesidingo kuzofanele bambize umyeni wakho bakhulume naye, uma enqaba sekodinga bathumele unompilo ekhaya ukuze lolu daba lulunge kungenjalo impilo yenu ilengela eweni.
NGIJIKELWE YINDUKU YOMYENII WAMI, AYISASUKUMI NHLOBO
Umbuzo
Sawubona sisi MaGumede, ngingowesifazane angijabulile neze emshadweni engikuwona njengamanje. Ngisanda kushada futhi konke bekuhamba kahle phakathi kwami nomyeni wami ngaphambi kokuba sishade.Kodwa manje ayikhona angazi ukuthi sekubuye kwajika kuphi. Inkinga enginayo induku yakhe ayisafuni nhlobo ukunyakaza, kuhlula ngisho sengizama nezitayela engaziyo ukuthi azishayi eceleni kodwa induku yakhe ivele ingibuke nje. Lento isidala ukuthi sihlale ngokuxabana njalo ngoba nami sengiphenduke ngaba nolaka ngenxa yendlala yocansi. Siyazama kona ukusukuma siyofuna usizo kodwa okwamanje akukho okusasisizile. Kuhlula ngisho sengimbuza ukuthi kungabe kukhona yini into emdlayo emenza aphathwe ukhwantalala nomzwangedwa kodwa uthi cha akukho lutho. MaGumede sibancane nomyeni wami kufanele engabe injabulo ibuzwa kithina. Kufanele engabe izitayela zocansi simuka nazo uthuli kodwa lutho akunjalo. Ngicela ungenelele ntombi angisazi ukuthi ngenzenjani manje ngoba ngilambile bakwethu angifuni ukugcina sengenza ukungathembeki kumyeni wami ngoba ngiyamthanda yingakho ngifuna lempi siyilwe ndawonye.
Impendulo.
Sawubona sisi wami, ibuhlungu le nkinga enibhekene nayo nomyeni wakho. Ngiyabonga ukuthi uyameseka kukhona konke. Kungenzeka ukuthi ikhona inkinga umyeni wakho abhekene nayo emdlayo mhlawumbe asabayo ukutshela yona ngoba nawo umzwangedwa uyakwenza ukuthi induku ikhophoze inganyakazi nhlobo. Kuzomele nithole umeluleki wezemishado oqeqeshiwe mhlawumbe umyeni wakho uzokwazi ukuxoxa ukuthi inkinga yakhe ikuphi. Ngaphandle kwalokho bakhona nodokotela bamadoda abaqeqeshiwe nabo abanganisiza ekutheni nidlule kule nkinga enibhekene nayo. Umkhuthaze futhi umyeni wakho ukuthi azwane nokuchatha nokucobelelana nolwazi nezinye izinsizwa futhi kungamsiza. Jwayela nokumphekela ukudla okunomsoco, aphuze amanzi kakhulu. Okwamanje awuthi ukubekezela kancane ungamlahli futhi ungamjoleli ngoba uyambona ukuthi naye akahleli uyaludinga usizo. Ngiyazi ukuthi indlala yocansi ibanga ulaka kodwa lokho kungenza isimo sibenzima kakhulu kunina nobabili
EKHAYA ABAYIFUNI INTOMBI YAMI BAFUNA NGISHADE NONINA WENGANE ENGINGASAMFUNI
Umbuzo
Ngicela usizo la MaGumede. Ngingowesilisa oneminyaka ewu-26 ubudala, ngithandana nowesifazane osethe ukukhula kunami. Inkinga wukuthi nginomama wengane olingana nami kodwa esengihlukene naye ngenxa yokungaziphathi kahle kwakhe. Manje lo wesifazane enginaye ekhaya abamfuni bathi mdala kunami. Naye useze uyakwazi lokho. Ngiyambona nokuthi nomdlandla wokungithanda usuyangiphelela ngenxa yalokhu. Uyena muntu wesifazane engizimisele ngokumshada ngoba siyezwana futhi uziphethe ngendlela engigculisayo. Ngisize MaGumede, angithandi ukuba nonkosikazi ongafunwa ekhaya.
Impendulo
Ngiyakuzwa bhuti futhi ithanda ukuba yinkinga indaba yakho. Kodwa khumbula, noma siyithanda imindeni yethu kodwa kukhona engeke yasenzela khona njengokusikhethela ukuthi asithande bani.Zama ukukhuluma nomndeni wakho uwutshele ukuthi kungani washiya unina wengane wanamathela kulo wesifazane. Uma bedlula lapho, ungakhathazeki, maningi amakhosikazi okumanje agugela emizini yawo kodwa imindeni yamadoda ayikaze iwathande. Ungashada nomuntu wakho bengamfuni benjalo, wena nje kumele uqinisekise ukuthi abahlali naye, futhi uqinisekise ukuthi uwumdayisi, uyameseka ngayo yonke indlela. Lokho ke kubiza ukuthi ube yindoda enomgogodla ekwaziyo ukumela izinqumo zayo. .