KUYINTO ejwayelekile ukuthi uSuku loBaba, abesilisa abaningi bangaluthakaseli yize lusuke lungahambisani nezipho nesasasa njengolomama.
Lokhu imvamisa kwenziwa wukuthi abantu besilisa isikhathi esiningi yibona abavamise ukuthengela omama bezingane zabo namakhosikazi, bese kubukeka sengathi ngolomama kuphela usuku olubaluleke okudlula ezinye. Ongoti bezipho bathi kuningi okungajabulisa obaba ngosuku lwabo, omama abadingi nje ukuthenga amasokisi nezinkomishi ezinezithakazelo, ukugcina icala.
Ongoti bezipho, iTribeca, bathi kuyiqiniso ukuthi akulula ukukhetha isipho somuntu ongubaba, okwenza abaningi bathenge othayi, izigqoko namasokisi. UNksz Kgothatso Tema, uthi ezobuchwepheshe ngezinye zezinto ezenza kube lula ukuthola isipho esifanele sikababa. Lokhu uthi kwenziwa wukuthi izinto eziningi manje kusukela kwiselula, ikhompyutha, umculo nokunye kwenziwa ngobuchwepheshe besimanje. Lokhu kuyakhombisa ukuthi ngezinye zezinto ezingabalekelela.
Iwireless mouse noma i-keyboard
-Ngezinye zezinto abangazijabulela obaba abasebenza ngama-laptop noma amakhompuytha isikhathi esiningi.
Earbuds
-Okokufaka ezindlebeni okubambele ama earphone anentambo ende kodwa lawa esimanje enziwe angaba nantambo.
Umshini wokudlala ama-games
-Lena yindlela abesilisa abaningi abazijabulisa ngayo ngoba kunebhola neminye imidlalo eyahlukene ebachithisa isizungu. Okuhle wukuthi ihamba ngezigaba, okwenza wonke umuntu abe nohlobo oluthandayo ngokuhlukana kweminyaka.
Umshini wokushefa
-Kunezinhlobo ezahlukene zemishini yokushefa nokugunda okuyinto abantu besilisa abayisebenzisa kakhulu emakhaya. Okwenza imishini yesimanje yehluke wukuthi kukhona nekwazi ukukwenza konke ngesikhathi, kungadingi ukuthi uthenge izinhlobo ezahlukene. Muva nje kukhona ne-Epson EH-TW710 projector okuthiwa ihamba phambili kwabesilisa bakuleli ngoba ixhuma lonke uhlobo lwezobuchwepheshe.
Iwashi lezempilo
-Uma amasenti ekhona kungaba yiselula entsha ehambisana newashi lesimanje elikwazi nokubhekela isimo somuntu sempilo ngokukubalela izikalo zezinto ezidingwa wumzimba noma ezishodayo. Yiwashi elikwazi noxhunywa namaselula kube lula nokuthi abanye abantu babone uma unenkinga.