Inhlangano yezempilo emhlabeni iWorld Health Organisation (WHO), ithe * -20% wabantu abangu-1.9 million ababulawa yisifo senhliziyo ngonyaka emhlabeni, lesi sifo sisuke sidalwe wukuthi bayabhema.
Le nhlangano nenhlangano yenhliziyo emhlabeni iWorld Heart Federation, basho lokhu nje namhlanje wusuku lokuxwayisa umphakathi ngalesi sifo iWorld Heart Day.
UDkt Eduarado Bianco ongusihlalo wophiko olubhekele umthelela kagwayi kwabaphethwe yisifo senhliziyo, uthe ukubhema ugwayi noma ukuhogela ugwayi obhenywa ngomunye umuntu kungakubeka engozini yokuhlaselwa yisifo senhliziyo.
“Ukuthatha isinqumo sokuyeka ugwayi kungehlisa amathuba okuthi uthole lesi sifo ngo-50%. Uma kubhekwa ubufakazi obukhona bokuthi ugwayi uyingozi kangakanani empilweni nokuthi uma uwuyeka ungasizakala kangakanani, kwenza ukuthi kube nesidingo sokuthi abangafuni ukuyeka ugwayi yize benolwazi babizwe ngabantu ababudedengu. Inhlangano yenhliziyo kumele ibe nemikhankaso efundisa iphinde iqwashise umphakathi ngengozi kagwayi enhliziyweni,” kusho yena.
Uthe ucwaningo abalwenzile luveza ukuthi ugwayi ongayenzi intuthu uma ubhenywa unomthelela ekufeni kwabantu abangu-200 000 ngonyaka emhlabeni.
“Ugwayi owaziwa nge-ecigarattes uholela ekutheni umuntu anyukelwe wumfutho wegazi, okungesinye sezizathu eziholela ekutheni abantu baphathwe yisifo senhliziyo,” kuxwayisa uBianco.
Ucwaningo lweWHO luveza ukuthi iziguli ezinesifo senhliziyo nezinomfutho wegazi ophezulu kunamathuba amaningi okuthi zibe neCovid-19.
Kulolu cwaningo kuvela ukuthi kubantu ababulawe yiCovid-19 e-Italy, * -67% wabo ubunezinga lomfutho wegazi ophezulu kanti eSpain kuvela ukuthi * -43% wababulawe yilesi sifo ubunesifo senhliziyo.
UDkt Vinayak Prasad wophiko olubhekele umthelela kagwayi ezifeni kwiWHO, uthe kubalulekile ukuthi ohulumeni bamazwe ahlukene babe nezinhlelo zokunqanda izifo ezidalwa wukubhenywa kukagwayi emazweni abo.
“Uma singase sikwazi ukuyekisa abantu ukubhema ugwayi kungehla izibalo zabantu abalaliswa ezibhedlela ikakhulukazi njengoba sibhekene neCovid-19. Ukwenyusa intela kagwayi nokuvalwa kwezikhangiso zikagwayi kungasiza ekutheni abanye abantu bayeke ukubhema, “ kusho uDkt Prasad.