ZILINGANISELWA ku-33 million Iizingane okufanele zigonywe phakathi kuka-2023 no-2025 ukuze pkufezeke isibophezelo samazwe omhlaba esithi ngo-2030, kumele kunqandwe ukufa kwezingane ezibulawa yizifo ezigwemekayo ngokugoma.
Njengoba kuyisonto lokuqwashisa ngokubaluleka kokugoma, iWorld Immunisation Week, eqale ngoMsombuluko ephela ngeSonto, inhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), ithe uhlelo lokuthi kuvikelwe izifo ezibulalala izingane ezigwemekayo ngokuthi zigome, luphazamisekile ngesikhathi kuhlasele iCovid-19.
Le nhlangano ithe ngesikhathi kuhlasele iCovid-19, uhlelolokugonywa kwezingane lubambezelekile okuholele ekutheni senyuke ngo-16% isibalo sezingane ezeqiwe yimigomo nezingakaze zigome nhlobo.
UDkt Matshidiso Moeti umqondisiwe WHO e-Afrika, uthe lolu bhubhane luyibuyisele emuva kakhulu imizamo ye-Afrika yokugoma futhi lubeka engcupheni izigidi zezingane engozini yokuhlaselwa izifo ezivikeleka ngokugoma, ezinye zazo eziholela ekufeni.
"Amazwe alwa kakhuluekuphumeni ethunzini leCovid-19, ngeke sikwazi ukulahlekelwa futhingokuthi kuqubuke izifo ezidalwa wukuthi izingane kazigomile. Kumele kwenziwe yonke imizamo yokuqinisekisa ukuthi yonke ingane iyayithola imigomo ebalulekile,” kusho uDkt Moeti.
UDkt Joseph Cabore ongumqondisi wokuphathwa kwezinhlelo ehhovisi leWHO elise-Afrika, uthe isibalo sezingane ezingakaze zithole umthamo owodwa womgomo, sikhule sisukaku-7.7 million ngo-2020 saya ku-12 million ngo-2022. Kulo nyaka (2023), amazwe angu-31 ase-Afrika abhekane nokuqubuka kwezifo ezivikeleka ngokugoma. Muva nje, iWHO yethule umkhankaso ozosiza amazwe ukuthi agome izingane ezisilele emuva ngesikhathi seCovid-19. Lo mkhankaso ubizwa ngeBig Catch Up Campaign.
UDkt Cabore uthe ngawo iWHO izoletha izinsiza ezengeziwe emazweni okudingeka ukuthi kugonywe izingane eziningi kuwo. Uqhube wathi emazweniawu-10 aseqhulwini asehloliwe, kubalwa iMalawi, Mozambique, Tanzania, Zambia neZimbabwe, lapho bekugonywelwa isifo sovendle nyakenye.
"Kusukela ngo-2019, umgomo kamalaleveva wokuqala emhlabeni ubutholakala ezingxenyeni zaseGhana, Kenya naseMalawi njengoba bekusenziwa uhlelo lokuzwa amanzi ngobhoko, kubhekwa ukuthi ngabe lolu hlelo luyasebenza yini? Eminyakeni emine luqhubeka, izingane ezingaphezu kuka-1.4 million ziwutholile umgomo kuwo wonke amazwe amathathu," kusho uCabore.
Uthe esinye isimo esiphuthumayo sezempilo ezwenikazi i-Afrika kube ngukuqubuka kovendle lwasendle ngo-2020. Kwaphinde kwaba ngukuvela kwegciwane elidala isifo sohudo nokuphalaza iRotavirus kodwa lezi zifo zinqontshiwe.
“Uvendle (Wild Poliovirus) lunqotshiwe, savikela izingane ezingu-33 million ngokuzigomela uvendle ngonyaka odlule. Ukugomela iRotavirus kwehlise ukufa kwabantu ngenxa yohudo lwaleli gciwane ngo49.1%.
“Ngemuva kwalokho, bonke ohulumeni base-Afrika bafake umgomo weHPV, ovikela amantombazane kumdlavuza wesibeletho," kusho uCabore.
Ngeledlule, umqondisi weWHO, uDkt Tedros Ghebreyesus, uvakashele kuleli nethimba lososayensi abavela kwamanye amazwe ngenhloso yokuzocobelena ngolwazi lokwenziwa kwemigomo eyenziwa ngobuchwepheshe i-mRNA.